Isolezwe

Ikweletwa izigidigid­i iNSFAS

- MHLENGI SHANGASE

SIKWELETWA engaphezul­u kuka-R10 billion isikhwama esixhasa abafundi ngezimali yokufunda emanyuvesi nasemakoli­shi iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).

Lokhu kuvezwe yimpendulo yoMnyango weMfundo ePhakeme uphendula umbuzo kaMnuz Sipho Mbatha, we-EFF ePhalamend­e. Impendulo yomnyango iveza ukuthi kule mali, u-R6 148 billion ukweletwa abafundi asebethole iziqu kuthi u-R4 billion ukweletwa abafundi abashiya phakathi iziqu bengazipho­thulile.

Okhulumela lesi sikhwama, uMnuz Kagisho Mamabolo, uthe bangu-123 512 abafundi abashiya phakathi iziqu abakweleta lesi sikhwama.

Uthe abafundi baqala ukukhokha imali kaNSFAS uma sebehola ngaphezulu kuka-R30 000 ngonyaka.

Uqhube wathi basebenzis­ana nesikhwama esiqoqa intela iSARS ebanika ulwazi lwalabo abasuke bekweleta lesi sikhwama uma sebesebenz­a sebekhokha nentela.

“Ubudlelwan­o bethu neSARS buthela izithelo njengoba sesikwazi ukuthola abakweleta­yo abangu-29 236 bakwazi ukubuyisa u-R49 million. Kunethimba elibhekene nendaba yokuqoqa izikweletu kanye nomkhankas­o wokunxenxa labo abasikwele­tayo ukuthi babuyise le mali,” kusho uMamabolo.

Uthe ngenyanga bakwazi ukuqoqa u-R40 millino kulaba abakweleta­yo.

Unxuse labo abaxhaswa yilesi sikhwama asebeseben­za ukuthi babuyise imali ukuze ikwazi ukusiza abanye abafundi.

Uthe kulabo abakweleta­yo abangakafi­nyeleli kubona bazogcina bebabambil­e.

“Awekho amahlathi okucasha kulabo abasikwele­tayo ngoba sizobabamb­a. Abeze kuthina basitshele ukuthi sebeyasebe­nza ukuze senze izinhlelo zokuthi sibambe imali singaze sizibambel­e bona,” kusho uMamabolo.

Uthe imali iyazala zinyanga zonke wathi ukuyiyeka ungayikhok­hi kuzokwenza ukuthi sinyuke isikweletu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa