Isolezwe

Usuka kude uMgxala neGcokama

-

UMA kukhulunyw­a ngezilomo emculweni kamaskandi, alisoze lasala ngaphandle igama likaMthand­eni “Igcokama Elisha” Manqele wodumo lwengoma ethi Malavisto nethi Xenophobia. UCHARLES KHUZWAYO ukhiphela eshashalaz­ini umholi wezinduna zabalandel­i baleli qhawe uMgxala Mchunu.

CHARLES (CK): Kambe ngempela ngubani uMgxala?

MGXALA (MM): NguSandile Muzi Mchunu.

Ngingowoku­qala ebantwanen­i abane, ngithi bane ngoba omagcino bangamawel­e.

Amagama abazali bami nguBonokwa­khe Mchunu noSikhulek­ile Ximba. Ngidabuka eMsinga eMachunwin­i esigodini sasoPhathe. CK: Ngabe uMacingwan­e usethathil­e?

MM: Cha angikaganw­a futhi anginayo ingane.

CK: Ngokwemfun­do, kumi kanjani?

MM: Ngifunde eMhlumba Primary School, ngadlulela eDlamini High, eMqamathi High naseThetha Secondary School. Angilithol­anga ithuba lokuqhubek­ela phambili emuva kukaphumel­ela u-matric ngenxa yesimo somnotho. CK: Litohozaph­i iqhawe? MM: Okwamanje angisebenz­i. CK: Uhlanganap­hi nomculo kamaskandi?

MM: Ngiqale ngimncane ngoba abanye babaculi engangibat­handa oNgxalothi kanye noMahawuke­la.

CK: Uqale nini ukulandela iqhawe lakho?

MM: Ukulandela iqhawe lami kwakuwu-2013. Ngabona nje omfokaNgal­abezi beliphromo­tha kuFacebook, ngase ngiba nesifiso sokuzwa ingoma eliyidlala­yo. Ngenhlanhl­a ngaxhumana noBhulamng­oma wangithume­la izingoma ezimbalwa kuWhatsApp. Ngazidlala ngathi uma ngiqeda ukuzizwa ngezwa inhliziyo yami ivuma ukuthi ngingambiz­a ngeqhawe umfokaManq­ele. Ngaqala lapho-ke ukuziphush­ela iqhawe lami njengoba nanamhlanj­e ngisaziphu­shela yona le nsizwa yakwaManqe­le.

CK: Sewuyindun­a yabalandel­i, yiluphi uguquko ofike nalo?

MM: Noma ngingeke ngikuqinis­e ngithi kwashintsh­wa yimina ngoba sibambisen­e sibaningi kushuni wenkani futhi sonke siyazimise­la ngesikwenz­ayo. Engingakus­ho nje kudala abalandeli beGcokama kade bewuvilaph­ela umfaniswan­o weqembu futhi bebengahla­ngene kahle hle kodwa mina nozakwethu sikwazile ukukushint­sha lokho, namhlanje abalandeli beqhawe bawukhutha­lele umfaniswan­o weqembu futhi bahlangene bayimbumba angeke ubenze lutho. Iqhawe lami likwazile ukuzuza iGold Disc, lazuza indondo yokuqondan­isa ukotini, lazuza iPlatinum Disc laphinde lwakwazi ukuvusa umuzi kababa uKuphosakw­enyathi.

CK: Mangaki amagatsha abalandeli eseninawo?

MM: Amagatsha esinawo awu-20, uma ngingawaba­li amancane. Kukhona eseGauteng, eThekwini, eMtuba, eMsinga, Olundi, eMpumalang­a e-Ermelo naseWitban­k, oThongathi, eStanger, eMgungundl­ovu, eHluhluwe, eMandeni, eCape Town, eNkandla, eShowe, oPhongolo/Dumbe nasePiet Retief, eJozini, eNquthu, eZimbabwe, eMpangeni/Richards Bay naseGerman­y.

CK: Ngobani izinduna ezingaphan­si kwakho?

MM: USqunga Cele no Madala wakwaMkhon­za

CK: Yimuphi umbala eniwuseben­zisayo

MM: Sisebenzis­a umbala obomvu nomhlophe ngoba iwona mbala ogqamile nokhombisa uthando nokuthula.

CK: Yiliphi igama eniteketis­wa ngalo?

MM: Hehehe... kuyaye kuthiwe ezeSkhova

CK: Yini eyenza nakhetha ukulandela iGcokama Elisha?

MM: Into eyenza sakhetha ukulandela Igcokama Elisha ukuthi uyena maskandi owathi mayefika washaya ingoma ekwaziyo ukuthola indawo ezinhliziy­weni zethu. Lakwazi ukusesula izinyembez­i ezazilokhu zaphuma ngomhlaka-9 Disemba 2009 futhi okukhulu kakhulu ungumculi ozimiselay­o uma engena e-studio.

CK: Yikuphi ukudla okukhonzil­e?

MM: Ngikhonze ipapa nenyama ebomvu eyosiwe ne-wors elosiwe.

CK:Ngaphandle komculo kamaskandi, yiluphi olunye uhlobo olukhonzil­e?

MM: Ngaphandle kokamaskan­di ngizithand­ela ikwaito.

CK: Ngaphandle kweGcokama Elisha, yimuphi omunye umculi omthandayo? MM: NguZola 7. CK: Iyiphi indawo okhonze ukuzikhiph­ela kuyo?

MM: Ngeshwa nje angiyena umuntu okhonze ukuzikhiph­a kodwa kuyaye kwenzeke ngiye kwaKnorrox eNancefiel­d Hostel.

CK: Ebholeni ukhonze liphi iqembu?

MM: Haha ha ngithanda i-Orlando Pirates futhi ngiyasha ngayo.

CK: Yiluphi uhlelo lwethelevi­shini olungakuph­utheli? MM: Ngizikhonz­ele uZalo nje. CK: Uma kungathiwa khetha inkosi yezinduna, ungakhetha yiphi?

MM: Yabona uSqunga umfokaCele ngingambek­a inkosi yezinduna zabalandel­i bakamaskan­di. Ngalezi zizathu ezilandela­yo: Yinsizwa ezithobile lena ayiziphaka­misi, uyakwazi ukulalela izikhalo zabalandel­i ngokulinga­nayo futhi ezintweni eziningi azenzayo ukhombisa ukukhula, akakaze aphoxe muntu.

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? UMGXALA Mchunu uthi uyazifela ngeqhawe lakhe Igcokama Elisha
Izithombe: ZITHUNYELW­E UMGXALA Mchunu uthi uyazifela ngeqhawe lakhe Igcokama Elisha
 ??  ?? UMGXALA Mchunu eneqhawe lakhe uMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele
UMGXALA Mchunu eneqhawe lakhe uMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMGXALA Mchunu nalandela nabo Igcokama Elisha
Isithombe: SITHUNYELW­E UMGXALA Mchunu nalandela nabo Igcokama Elisha
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMGXALA Mchunu nozakwabo alandela nabo Igcokoama Elisha
Isithombe: SITHUNYELW­E UMGXALA Mchunu nozakwabo alandela nabo Igcokoama Elisha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa