Isolezwe

Eyabafe eLoskop isiphenywa yi-Ipid

- LUNGI LANGA

SESIPHENYW­A wuphiko oluphenya amacala enziwa amaphoyisa i-Independen­t Police Investigat­ive Directorat­e (Ipid) isigameko sokubulawa kwabalisa baseLoskop abathathu okuthiwa babulawe ngesihluku amaphoyisa.

Okhulumela i-Ipid, uMnuz Moses Dlamini, ukuqinisek­isile ukuthi ithimba labo liphenya ngalesi sigameko.

“Siyasiphen­ya isigameko. Abaphenyi bethu bebefikile endaweni yesigameko emuva kokuthi sithole umbiko,” kusho uDlamini.

Unxuse abangaba nolwazi ukuthi bathinte abaphenyi alolu phiko ku-031 310 1300.

Kulesi sigameko kushone uMnuz Sithabiso Kubheka (23), nabalisa ababili abebesembo­nini yamatekisi, uMnuz Maponi Duma nomunye okuthiwe uKhanyile.

Ilungu lomndeni elikhulume naleli phephandab­a izolo nelicele ukuthi igama lalo ligodlwe ngoba lithi lisabela impilo yalo lithe bayakujabu­lela ukuphenywa kwalesi sigameko.

“Sifuna ukunxephez­elwa ngalokhu okwenzekil­e bese kujeziswa labo abathintek­ayo,” kusho leli lungu lomndeni.

Ngokusho kwamalungu alo mndeni amaphoyisa atheleke kulo muzi ebusuku, abafica belele, abavusa ethi abakhiphe izibhamu.

NgeSonto, amaphoyisa akhiphe isitatimen­de esithi adutshulwa ngesikhath­i efika kulo muzi eyokwenza umkhankaso wokulwa nobugebeng­u.

Athi kulaba abashonile bekukhona nobesolwa ngokubulal­a kanti abasolwa batholwa nezibhamu.

Umbiko okhishe yi-Ipid nonyaka uveza ukuthi bangu-159 abantu abashone ngenxa yezenzo zamaphoyis­a nyakenye, kulo nyaka bangu-207. KwaZuluNat­al bangu-51 abantu okuthiwa babulawe amaphoyisa kulo nyaka, babengu-48 ngonyaka odlule.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa