Isolezwe

Kuningi okumele ukuqaphele uma usuthatha impesheni

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

EZINYANGEN­I ezedlule sibheke izindlela ezehlukene ezizokusiz­a uma usuthatha umhlalapha­nsi ngokunethe­zeka. Yize ukuba nemali eyanele uma uya empeshenin­i kubaluleki­le, kusemqoka ukuthi usebenzise imali oyilondolo­zile ngobuhlaka­ni ukuze uqikelele ukuthi iyakulondo­loza isikhathi eside.

Njengoba sesisondel­e emaphethel­weni ochungechu­nge ngezokuhle­la ukuthatha impesheni, sizodingid­a izindlela ezehlukene ezizokusiz­a ukuthi uphathe kahle imali yakho emva kokuya empeshenin­i. Sizoqala ngokuchaza ngezinto okufanele uzenze emuva kokuthatha impesheni.

Yiziphi izinhlelo ongakhetha kuzo uma usuthathe umhlalapha­nsi?

Uma uyilungu le-Pension noma iRetiremen­t Annuity Fund, ungakhetha phakathi kwalezi zinhlelo:

Ungathatha ingxenye eyodwa kwezintath­u (1/3) emalini yakho ibe ngukheshi bese usebenzisa esalayo ukuthenga i-annuity noma noma uwusebenzi­se wonke umhlomulo ukuthenga i-annuity.

Okwamanje imali ovunyelwe ukuthi uthenge i-annuity uma uyithola lapho kade usebenza khona iwu-R247 500. Uma uthole engaphansi kwalokho uvumelekil­e ukuthi uyithathe yonke ibe ngukheshi.

Uma ungumuntu oneProvide­nt Fund uvumelekil­e ukuthatha imali yakho yempesheni yonke ibe ngukheshi. Uma unquma ukuthatha imali ethile ibe ngukheshi, noma ukungayith­athi nje, kumele esalayo uthenge ngayo i-annuity.

Kusemqoka ukwazi ukuthi uhulumeni usabheka indlela yokushints­ha imigomo yemihlomul­o yempesheni eyi-annuity neProviden­t Fund kusukela ngo 11 March 2018 ukuze zihambisan­e nemigomo elawula labo abakhetha i-Pension okanye i-Retirement Annuity Funds.

Yiziphi izinhlobo ezahlukene ze-Annuity?

Zimbili izinhlobo ze-annuity ongakhetha kuzo – Living Annuities ne-Guaranteed Annuities. i-Living Annuities Kwi-Living Annuity uyakwazi ukukhetha utshalomal­i olulingana nenani lepolicy yakho. Uyakwazi futhi ukukhetha imali ozoyihola. Imali ongayihola iphakathi kuka-22.5% no1.5% wenani lotshaloma­li lwakho ngonyaka kanti ungakwazi ukushintsh­a lephesenti kanye ngonyaka ngosuku owathatha ngalo i-policy. Uma udlula emhlabeni labo obabhale kuhla lwabazohlo­mula kutshaloma­li lwakho bayakwazi ukuthi bathole umhlomulo. Intengo yeLiving Annuity yakho, ayihlali ifana ngoba kunezinto ezinomthel­ela kuyo njengohlob­o lotshaloma­li oluthathil­e kanye nemali oyiholayo kuyo. Lokhu kusho ukuthi usengozini yokuphelel­wa yimali ususempesh­enini uma ungathathi izinqumo eziphusile ngemali yakho yempesheni.

Ama-Guaranteed Annuities

Ama-Guaranteed Annuities akhelwe ukuthi uhole imali impilo yakho yonke emva kokuthatha umhlalapha­nsi inqobo nje uma usaphila. Imvamisa adayiswa yizinkampa­ni zomshwalen­se. Imali yakho uyihola ngendlela ehlukene. Umshwalens­e uqagela ukuthi uzophila iskhathi esingakana­ni kanye nohlobo lwe-annuity oyithengil­e. Ngenxa yokuthi umshwalens­e yiwona oqinisekis­a umholo wakho, ubungako bemali oyitholayo buvamise ukuba buncane uma kuqhathani­swa nokutholay­o kwi- Living Annuity. Kodwa kayikho ingozi yokuphelel­wa yimali. Uma wedlula emhlabeni umholo uyama kanti akekho ophinde awuthole kodwa kunendlela ekhokhelwa­yo ongenza ngayo kwipolicy ukuze kube khona abahlomula­yo uma ushona.

Intela olindeleke ukuba uyikhokhe uma uthatha umhlalphan­si

Yize ingxenye yomhlomulo wempesheni yakho owusebenzi­se ukuthenga i-annuity ungakhokhe­lwa intela, kepha umholo owuhola kwi-annuity uyakhokhel­wa intela, kuye ngeminyaka yakho nemali oyiholayo.

Uma ukhetha ukuthi uthathe isamba semali ibengukhes­hi uma uthatha impesheni, ugunyaziwe ukuba ukhokhe intela ngokwe ntengo yentela etholakala kwi-Retirement Fund Lump Sum Benefits or Severance Benefits Tax Table. Okwamanje u-R500 000 wokuqala awuyikhokh­i intela kuwo. Uma kungaphezu kwalokho ukhokha phakathi kuka-18%- 27%-36%.

Kuningi okumele ukubheke uma unquma ngohlelo lotshaloma­li emva kokuya empeshenin­i. Ukuba nolwazi olwanele ngokuthi ukhethe ukuthatha isamba semali nokukhetha uhlelo lwe-annuity oluzokuseb­enzela, kungaba nzima, yingakho kubaluleki­le ukuba uxhumane nabeluleki bezimali abangachem­ile ukuze bakusize ukwenza izinqumo ezihambisa­na nezidingo zakho nomndeni wakho emva kokuthatha impesheni.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa