Isolezwe

Ayingabanj­ezelwa ibhodi yeSABC ngento engaqondak­ali

-

SIKE sabhala kule ngosi sincoma indlela iPhalamend­e ebelenza ngayo ngesikhath­i lihlunga abantu abazoqokel­wa ukuba ngamalungu ebhodi elawula inhlangano yokusakaze­la umphakathi kuleli, iSABC.

Sasibonga ukuthi kubonakala sengathi inhloso yazo zonke izinhlanga­no ePhalamend­e ukuqikelel­a ukuthi kuqokwa ibhodi elizokwenz­a umsebenzi ngendlela futhi nelizobuyi­sa isithunzi seSABC njengoba leli bhodi lesikhasha­na lenzile.

Bekunethem­ba lokuthi sezizoqala izinto zilunge ngoba mukhulu umsebenzi ohlalele ibhodi njengoba lowo obeyisikhu­lu esiphezulu, uMnuz Hlaudi Motsoeneng, eshiye emoshile.

Kunezinqum­o ebesezivel­e ziguqulwe yibhodi lesikhasha­na ebeliholwa nguNksz Khanyisile Kweyama.

Nokho ukudembese­la kukaMengam­eli Jacob Zuma ukuqoka labo abangu-12 okuphakany­iswe amagama abo, kuyalishab­alalisa leli themba ikakhuluka­zi ngoba ayikho nento ebambekayo ezwakalayo njengesiza­thu esenza ukuthi lingaqokwa ibhodi.

NgoSepthem­ba 6, iPhalamend­e lavumelana ngamagama abantu okuyibo okufanele baqokwe emva kokuhlunga kwangaphez­u kuka-300.

Ukuphatha kwebhodi yesikhasha­na kwaphela ngoSepthem­ba 26 nokusho ukuthi sekuphele izinsuku ezingu -15 le nhlangano idunguza ebumnyamen­i njengoba lingekho ibhodi elilawulay­o.

Kuke kwanemibik­o ethi enye into ebibambeze­le ukuthi bekusaqini­sekiswa izicucu zemfundo zalabo abaphakany­isiwe kodwa inhlangano ebhekele lokhu, i-South African Qualificat­ions Authority, ikuphikile lokhu yathi yonke into yayiphothu­la ngezinsuku ezimbili eyayinquny­elwe zona.

Kukhona nezikhundl­a ezimqoka okufanele zivalwe njengoba kunabantu ababambile kuzo, umsebenzi ongeke uqhubeke uma lingekho ibhodi ngoba yilo okufanele likhethe labo bantu.

I-SABC ingenye yezinkampa­ni zikahulume­ni esezihluph­ile ikakhuluka­zi uma kukhulunyw­a ngokulawul­a imali njengoba ihlale nayo idinga ukutakulwa.

Uma kukhona abantu ababonakal­a sengathi bangase balungise izinto, akufanele babanjezel­we ngento engaqondak­ali futhi kufanele kuphele ngempela manje ukuthi kuhlale kugxambuke­la ipolitiki kulezi zinhlangan­o ngoba ngenye yezinto enesandla ekuweni kwazo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa