Isolezwe

Asisezwa lutho ngokwenzek­a eMfolozi

-

MHLELI: Namuhla ngithi ake ngibhale ngibuze umbuzo kubaholi bakaMasipa­la waseMfoloz­i.

Ngiyisakha­muzi esihlala eNzalabant­u, ngaphansi kobukhosi bakwaMbuya­zi. Inkinga yami yile yokungabik­elwa lutho ngemiseben­zi eyenzeka kumasipala wethu.

Phambilini besifunda emaphephan­dabeni ngokwenzek­ayo kuthi uma sivula imisakazo enjengoKhw­ezi, Igagasi, Nongoma, Rise, Ulundi/ Nguna, Zululand FM uzwe ukuthi iMfolozi yenze lokhu, izokwenza lokhu kuphume nezimemeze­lo. Ngikhumbul­a kahle ukuthi obesazisa ngobuciko nangobunon­o bekuluqweq­we lwentathel­i uMnuz Senzo Mbatha. Kodwa kamuva nje asisezwa lutho selokhu kuqashwe abanye sekucwebe isiziba nje.

Lokhu kungumphum­ela wokuqashan­a ngekhadi lenhlangan­o. Ngicabanga ukuthi abahlonish­wa bami sebeyalibo­na iphutha lokuqasha umuntu ongakaze abe yintatheli noma ongazi lutho ngezokwazi­sa uthi akenze lo msebenzi esikhundle­ni sokuqasha umuntu onolwazi. Lokhu kuwubuyise­la emuva umsebenzi.

Kumanje asizwa lutho, asifundi lutho ngeMfolozi. Sigcine sifunde ngesikhalo sabahlali baseDondot­ha ababekhomb­a inkohlakal­o odabeni lwezindlu okumele ngabe kade bakhelwa zona. Nalapho labo abakumasip­ala abakaze baphawule baphendule kodwa kube kuthiwa bangabaxhu­manisi.

Baba Mgenge sikhathele ukuzwa ngabanye omasipala emisakazwe­ni nangokufun­da ngabo emaphephan­deni owethu do. Uma ngivula imisakazo yomphakath­i ngifunde namaphepha nakoFacebo­ok ngithola izindaba ngoMthonja­neni, Nkandla, Mhlathuze lutho Imfolozi. Ngabe nithule ngoba ningenzi lutho eMfolozi noma yingoba neswele ozonixhume­la ulayini kwabezinda­ba?

Emveni kokuba uMbatha sesimuzwa ebhala ephinde ebika ngoMthonja­neni uke wazama kancane uSteve Makhanya noThando Ndlovu bebhala ephephanda­beni lomphakath­i laseMpange­ni. Kodwa manje nabo sekuthulek­ile asisaboni lutho abalubhali­le. Cacisani madoda yingoba ningasaseb­enzi noma yingoba senishaywa ukuqasha ngekhadi niqasha abantu abangawazi umsebenzi? Sipho Mbuyazi KWAMBONAMB­I

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa