UMasuluke ucela amavoti ngegoli lakhe
UNOZINTI weBaroka, u-Oscarine “Lang One” Masuluke, ufongqa isigqoko kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi bavotele igoli lakhe eliqokwe namathathu ahamba phambili emhlabeni kuma-Puskas Awards azoba ngo-Okthoba 23, eLondon, e-England.
NgoMsombuluko, inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, imemezele ukuthi igoli likaMasuluke lingelinye lamathathu avotelwe kakhulu emhlabeni okuzoqokwa kuwona elidle umhlanganiso. Leli goli, eliwuqethu, uMasuluke ulishaye ngesizini edlule ngesikhathi esengezwe ngunompempe bebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiership ophele zibambene ngo 1-1. Amanye amagoli amabili azobanga umklomelo nelikaMasuluke, ashaywe ngu-Olivier Giroud waseFrance ongumgadli we-Arsenal edlala kwi-English Premier League (EPL) nomdlali wesifazane waseVenezuela, uDeyna Castellanos.
Kungokokuqala ukuthi umdlali wase-Afrika aqokwe kwabathathu abashaye amagoli ahamba phambili emhlabeni. Nyakenye, elikaHlompho Kekana alishaye iBafana Bafana ibhekene neCameroon emdlalweni wokuhlungela umqhudelwano i-Africa Cup of Nations ophele ngo 2-2, liswele amavoti ukufinyelela kwamathathu okugcina.
“Lokhu kuyinto enkulu kimina, bonke abantu bayangeseka. Angisalali abantu bayangifonela bangifisela inhlanhla futhi bayangijabulela. Ngiyabonga kubantu baseNingizimu Afrika ngokungivotela emzuliswaneni wokuqala. Ngicela bavote kakhulu manje ngoba sekusekugcineni.
“Nginalo ithemba lokuthi ngizobuya nawo umklomelo. Ukuthi igoli lami seliqokwe kwamathathu okugcina emhlabeni kukhombisa kona ukuthi linalo ithuba lokuwina,” kusho uMasuluke.
Nakuba igoli likaMasuluke libatshazwa yiningi emhlabeni kodwa alilibonanga elidlalayo emiqhudelwaneni yePremier Soccer League (PSL). USiphiwe Tshabalala weKaizer Chiefs uyena owine i-Absa Premiership Goal of The Season ngegoli alishaye bebhekene neSuperSport United.
“Angigxeki muntu ngalokho. Ukuthi aliwinanga akulona iphutha lomuntu. Engikujabulelayo ukuthi manje likhethwe emhlabeni. Lidinga ukwesekwa ngamavoti,” kusho uMasuluke.
Usihlalo weBakgaga, uKurishi Mphahlele, uthe akakwazi ukuyichaza injabulo yakhe ngokwehlele iqembu lakhe. Uveze ukuthi uMasuluke uzovaleliswa ngedili.
“Kuyingqophamlando ukuthi igama leBaroka lizomenyezwa phesheya kwezilwandle, umhlaba wonke ulizwe. Lokhu akukhona okweBaroka neLimpopo kuphela kodwa okweNingizimu Afrika ne-Afrika yonke. Ithimba lami lezokumaketha liphume umkhankaso wokunxenxa abantu kwiCosafa nakwiCAF ukuthi basabalalise indaba yokuvotelwa kwegoli likaMasuluke. Lo mlando ngeke ukhohlakale ngisho eminyakeni engu100 ezayo,” kusho uMphahlele.