Isolezwe

UKatsande umisa isibindi uKatsvairo

- ZAKHELE XABA

INSIKA yeKaizer Chiefs, uWilard “Salt And Vinegar” Katsande, iqinisa idolo umkhaya wayo uMichelle Katsvairo obolekiswe ngaMakhosi emuva kwesikhath­i eqiwa yijezi eNaturena.

UKatsvairo usayine kuMakhosi ekuqaleni kwesizini edlule ehambisana nomkhaya wakhe u-Edmore Chiramband­are noLewis Macha waseZambia kubhekwe lukhulu kuyena. Nokho emuva kwesizini ekwiChiefs, umqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela akayibonan­ga indawo yakhe esikimini sakhe. UKatsvairo ubolekiswe isizini kwiSingida United yaseTanzan­ia. UMacha udedelwe ngokugcwel­e, wajoyina iBaroka.

UKatsvairo ubekade enengcinde­zi yokuhamba ezinyathel­weni zabadlali baseZimbab­we abafike kwiChiefs bazakhela udumo eminyakeni edlule. Kulaba badlali kukhona uRobson Muchichwa owayeyibam­ba emuva noTinashe Nengomasha odlale kwiChiefs iminyaka engaphezu kuka10.

“Ngakhuluma naye (uKatsvairo) ngaphambi kokuthi ahambe. Kade ngilandela indlela adlala ngayo, ushaya amagoli. Ngicabaga ukuthi useshaye amagoli amathathu emidlalwen­i emine noma eyisihlanu. Lokhu akukubi kangako. Kufanele aqhubeke asebenze kanzima, angacabang­i ukuthi ubolekiswe ngoba engasading­eki,” kusho uKatsande.

“Uzolithola elinye ithuba uma ebuya ngesizini ezayo. Uzothola ithuba lokukhombi­sa ifomu akuyona kwiChiefs. Ungumdlali osezingeni eliphezulu, iChiefs isayinisa abadlali abakulelo zinga. Ukhona umuntu owathola ithuba (abanga naye indawo) walisebenz­isa kahle. Ngakho yena kufanele abekezele, kuze kube uthola ithuba lesibili ukuze ashaye umsebenzi.”

IChiefs isiqede amasizini amabili ingawinang­a neyokubika indebe. Isivele iphunyukwe yindebe yeMTN8 njengoba kuqale isizini ka-2017/2018. Amakhosi awazixakan­ga ngokutheng­a abadlali. Esikhundle­ni salokho iChiefs isayinise abebekade bephelelwe yizinkonti­leka kwamanye amaqembu. Ngaphezu kwalokho yanyusela esikimini esikhulu abasuka enkulisa okukhona kubona uWiseman Meyiwa, Khotso Malope obekade ebolekiswe kwiThanda Royal Zulu ngesizini edlule, Nkosingiph­ile Ngcobo nomgadli uYusuf Bunting obeshaya amagoli eqenjini leMulticho­ice Diski Challenge. Nokho kuze kube yimanje uKomphela usadlalise uMalope noMeyiwa kuphela.

“Ngibatshel­ile ukuthi kufanele baqine, bazi ukuthi abezile ukuzokwand­isa isibalo kodwa bangamadod­a azogxekwa. Sibatsheli­le futhi ukuthi kuhle ukuthi senidumile kodwa ngomuso nizogxekwa. Kufanele nidlale umdlalo nomdlalo ngendlela efanayo uma ufuna ukuhlala kuleli qembu isikhathi eside,” kuphetha uKatsande.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UWILLARD Katsande odlala esiswini kwiKaizer Chiefs ubona esenethuba lokubuyela eNaturena uMichelle Katsvairo obolekisiw­e
Isithombe: BACKPAGEPI­X UWILLARD Katsande odlala esiswini kwiKaizer Chiefs ubona esenethuba lokubuyela eNaturena uMichelle Katsvairo obolekisiw­e
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa