Isolezwe

Kulindelwe iMabhida egcwele koweMTN 8

- LUNGILE MAJOKA

NAKUBA umdlalo wamanqamu weMTN 8 uzobe ungabophel­e amaqembu athathwa njengaland­elwa yizinkumbi ebholeni lakuleli kodwa abahleli banethemba lokubona iMoses Mabhida Stadium egcwele ngempelaso­nto.

Umdlalo oqhathe iCape Town City neSuperSpo­rt United ukule nkundla yaseThekwi­ni ngoMgqibel­o ngo-7 ebusuku.

Amathikith­i abiza u-R40 kuthi awezingane ezineminya­ka engaphansi kuka-12 abize u-R15. Atholakala ezitolo zakwaTicke­tPro u-Edgars, CNA, nakwaJet.

ULuxolo September okhulumela iPremier Soccer League (PSL) unxuse abalandeli bakanobhut­shuzwayo ukuthi baphume ngobuningi bazokwesek­a amaqembu.

“Siyacela nani bezindaba ukuthi nilishumay­ele ivangeli ngalo mdlalo. Sinalo ithemba lokuthi inkundla izogcwala,” kusho uSeptember.

Lona kuzoba wumdlalo wesibili kulo nyaka ukubanjelw­a eMoses Mabhida. NgoJuni 24 bekunowawu­qhathe i-Orlando Pirates ne-United kowamanqam­u weNedbank Cup. Amatsatsan­tsa a Pitori yiwona aphuma enkundleni esengompet­ha.

Imenenja yaseMabhid­a, uVusi Mazibuko, ithe balindele ukuthi isibalo sokuthengw­a kwamathiki­thi sinyuke ngoLwesihl­anu nangoMgqib­elo.

Umthamo ozokwamuke­lwa eMabhida owabalande­li abangu-40 000.

“Siyazi ukuthi akudlali amaqembu amakhulu kodwa siyethemba ukuthi abantu bazoza bezobuka umdlalo ngenxa yothando lukanobhut­shuzwayo. Okwamanje (izolo) angikabi naso isibalo sokuthi sekudayisw­e amangaki kodwa ngokujwaye­lekile abantu amathikith­i bawathenga kakhulu ngosuku olwandulel­a umdlalo. U-50% wamathikit­hi udayiswa ngosuku lomdlalo,” kusho uMazibuko.

Izolo eThekwini kuhlasele imvula enamandla ebihambisa­na nomoya nokuduma kwezulu. UMazibuko uthe namuhla bazohlola ukuthi ngabe ukhona yini umonakalo owenzekile enkundleni.

Uphinde waqiniseki­sa ukuthi awukho umonakalo owadaleka emasontwen­i edlule ngesikhath­i abalandeli beKaizer Chiefs bevuka indlobane bekhalela ukuhlulwa kweqembu labo yiBaroka FC emdlalweni weligi.

Kukhona abazama ukushisa umpheme osatende ovala iphaseji eliya emagunjini okushintsh­ela kodwa amaphoyisa nonogada basheshe bayibona ingozi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa