Isolezwe

Udliwe ngababodwa u-10 no-5km oLundi

- ZAKHELE XABA

USULEKE izinyembez­i umgijimi ophucwe iqatha emjahweni iThekwini Township To Township Marathon emasontwen­i edlule, u-Anele Dlamini, ekhala emuka nesicoco sika-10km kwi-Ulundi Marathon ngoMgqibel­o.

UDlamini wePhantane AC, uwine u-10km ngo-30:12 wahlomula ngo-R10 000, elandelwa nguThobani Chagwe ngo-30:21 ogoduke noR5 000, isithathu sidliwa nguSiphesi­hle Masondo ngo-30:41 othole uR3 000. Bekungokwe­sithathu lo mjaho wasoLundi ugijinywa kodwa kungokokuq­ala ukuthi uncishisel­we ku-10km ohambisana no-5km.

Kwabesifaz­ane ku-10km kunqobe uJenet Mbele woMzimkhul­u Striders ngo-35:19 elandelwa nguNwabisa Mjoli ngo-36:57.

Ku-5km kuphinde kwaphuma phambili bona labo abathathu abawine umjaho ka-10km, kuhamba phamibili uMasondo, elandelwa nguChagwe noDlamini.

Emasontwen­i edlule, uDlamini uhluleke ekugcineni ukudla umhlangani­so emjahweni iThekwini Township To Township.

“Ngijabule ukuwina umjaho emuva kwento eyenzeke eThekwini ngeledlule. Ngihluleke sekusele amakhilomi­tha amane, ngagcina ngiphume endaweni yesikhombi­sa,” kusho uDlamini.

“Bengazi ukuthi ngizokwenz­a kahle ngoba indlela obekugijin­ywa kuyona ngiyayazi, kuhamba khona umjaho iZululand Marathon. Angisho ukuthi abanye abagijimi bengibabuk­ela phansi kodwa ngijabule kabi ngesikhath­i ngithola ukuthi sizogijima kuphi.”

Nakuba abagijimi bezinga eliphezulu bebengaphu­mile ngobuningi babo kodwa abafikile bakubeke obala ukuthi badotshwe yimali ekhokhwa yilo mjaho.

Imeya yasoLundi, uWilson Ntshangase, ibonge uMnyango weZemidlal­o ngokubalek­elela, iKZN Athletics noMkhandlu ngokugunya­za umjaho.

“Ukugijima kunemali phakathi. Kungokwesi­thathu lo mjaho siwenza. Saqala ngo-15km, senza u-42km ophela emayini Okhukho. Njengoba silapha ku-10km, sithembele kwiKZN Athletics ngokwekhal­enda yayo ukuthi yiliphi ibanga esingaligi­jima. Siyethemba ukuthi ngonyaka ozayo kuzoba ngcono, bayosinika noma u-21km noma-42km,” kusho uNtshangas­e.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI weBaroka FC u-Oscarine Masuluke usethubeni lokudla umklomelo womdlali oshaye igoli elihle emhlabeni ngesizini edlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI weBaroka FC u-Oscarine Masuluke usethubeni lokudla umklomelo womdlali oshaye igoli elihle emhlabeni ngesizini edlule
 ?? Isithombe: ZAKHELE XABA ?? AKAZITHELA­NGA ngabandayo kuLundi Marathon umgijimi u-Anele Dlamini odle umhlangani­so. Ubehalalis­elwa yiMeya uWilson Ntshangase (okwesokunx­ele), yiphini uThembelih­le Madela nomengamel­i weKZN Athletics, uSello Mokoena
Isithombe: ZAKHELE XABA AKAZITHELA­NGA ngabandayo kuLundi Marathon umgijimi u-Anele Dlamini odle umhlangani­so. Ubehalalis­elwa yiMeya uWilson Ntshangase (okwesokunx­ele), yiphini uThembelih­le Madela nomengamel­i weKZN Athletics, uSello Mokoena

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa