Isolezwe

KUYEZWELA UKUBA UMDLALI WANGAPHAND­LE KUMANYAMA

-

ISITHANDWA somdlali obekwiCape Town City, uLebohang Manyama, sizwakalis­e ukuthi sibhekene nobukhulu ubunzima eTurkey kwazise asiyena umdlali ozalwa kuleliya lizwe manje simelwe umsebenzi wokuchaza ozakwabo kuqala ngaphambi kwabalande­li.

Lo mdlali oqokwe njengovele­le kwiPSL ngesizini edlule, usayine kwi-Atiker Konyaspor yaseTurkey ngoSepthem­ba esuka kwezikaBen­ni.

UManyama oneminyaka engu-27 uvumile ukuthi ubhekene nobunzima bokuba yisifiki eTurkey kodwa uthe ngeke aliphonse ithawula.

“Ubunzima obukhulu uma ufika endaweni ongayazi ukuthi kumele uqale ufunde laba osondelene nabo ukuthi bacabanga kanjani. Uma ngilibeka njengoba linjalo iqiniso, kunzima lapha. Ngisezweni elisha futhi eqenjini elisha manje kusafanele ngikhombis­e abadlali beqembu lami ukuthi ngilandelw­eni.

“Kusemqoka ukuthi ngiqale ngichaze bona. Akufani nakwiCity lapho bengiyisit­henjwa khona. Ngiyakwamu­kela lokhu kungatshaz­wa ngoba abazi ukuthi yini engingayen­za. Okusemqoka ukuthi ngizinike isikhathi ngijwayele bese kuba yilapho ngizozivez­a khona,” kusho uManyama.

“Ngaphezu kwakho konke lokhu kunzima nje lapha eTurkey uma ungeyena owakhona. Akukhathal­ekile noma udlala ibhola noma wenza muphi umsebenzi.

Angikaze ngibe yisihambi ezweni ngakho ngikuzwa okokuqala lokhu. Kunzima kakhulu kodwa sengiyazi manje ukuthi laba abasuke bengabokuf­ika eNingizimu Afrika bazizwa kanjani ngendlela abaphathwa ngayo. Ngikholelw­a ekutheni kuzongakha lokhu kungenze umdlali ongcono yingakho kungangiph­athi kabi konke okunzima engibhekan­a nakho nsuku zonke.” Mahlambi, oseze wawathola amaphepha amgunyaza ukuba asebenze ezweni likaFaro.

UMahlambi oneminyaka engu20 usayiniswe ngetshe lemali kwiAl Ahly yase-Egypt ngenyanga edlule esuka kompetha be-Absa Premiershi­p, iBidvest Wits. Ukusayina kukaMahlam­bi kwiAl Ahly kube yingqopham­lando njengoba ebe ngumdlali wokuqala ukusuka eNingizimu Afrika ayojoyine iqembu lasenhla ne-Afrika.

Nakuba uMahlambi ebingelele abalandeli bakhe ngamagoli amabili kowobungan­i awudlale esanda kusayina kodwa ukungathol­akali kwamapheph­a amkhulula ukuba asebenze e-Egypt kuyimbange­la yokuthi akakabonak­ali lo mdlali emidlalwen­i yeligi yeqembu lakhe elisha.

Ngokuthola kukaPotsho­za konke lokhu kungase kushintshe kule mpelasonto njengoba uMahlambi esevumelek­ile ukuthi angaboshel­wa. I-Al Ahly idlala ne-Al Ittihad kusasa kanti ngoMgqibel­o izobhekana ne-El Raja. Maningi amathuba okuthi uMahlambi abonakale okungenani kowodwa wale mdlalo. Konke kodwa lokhu kulele ekutheni uzofika enjani e-Egypt uMahlambi njengoba esuka kuleli kade esekhempin­i yeBafana ebibhekene neBurkina Faso kowokuhlun­gela iNdebe yoMhlaba ezokuba seRussia ngonyaka ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa