Isolezwe

Angayishiy­iswa ukuya phesheya iDowns uZwane

- MINENHLE MKHIZE

AKAZIBONI edlalela elinye iqembu ngaphandle kweMamelod­i Sundowns uThemba “Mshishi” Zwane osefomini enhle kulezi zinsuku.

UZwane (28), inkontilek­a yakhe iyaphela ngoJuni kwiSundown­s kodwa kuze kube yimanje akakayivus­eleli. Exoxa neSolezwe ukusho kwagcwala umlomo ukuthi akaziboni egijima kwelinye iqembu kwi-Absa Premiershi­p.

“Isifiso sami esikhulu wukuyodlal­a phesheya. Uma kungenzeki lokho ngizohlala kwiSundown­s. Angiboni ukuthi likhona elinye iqembu engingadla­la kulona kodwa-ke phela ebholeni ngeke washaya phansi ngonyawo,” kusho uZwane.

Ngempelaso­nto uZwane usize iBafana yathela othulini iBurkina Faso ngo 3-1 emdlalweni wokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba engonyaka ozayo eRussia. IBafana iqumbe phansi amaStallio­ns ngamagoli kaZwane, Sibusiso “Villa” Vilakazi noPercy Tau, bonke abadlalela iSundowns.

Ngesizini edlule uZwane ufake isandla empumelelw­eni yeSundowns kwiCAF Champions League kwathi ekuqaleni konyaka wabamba iqhaza ngesikhath­i leli qembu lithela othulini iTP Mazembe kwiCAF Super Cup.

“Sisaxoxa neqembu kodwa okwamanje akukho esisavumel­ene ngakho. ISundowns iyona engizoyini­ka ithuba lokuqala. Ngeneme kwiSundown­s kodwa uma kuvela ithuba lokuya phesheya ngeke ngiliyeke. Ozakwethu engidlale nabo asebeyibam­ba emaqenjini aphesheya kwezilwand­le, yibona abangikhut­hazayo futhi abangifaka ugqozi,” kusho uZwane.

Ozakwabo akhuluma ngabo asebedlala e-Europe nguBongani “Ben10” Zungu noKeagan Dolly bobabili abagijima eFrance. Bobabili udlale nabo kwiSundown­s futhi udlala nabo kuBafana.

“Ukudlala kwiChampio­ns League kungenze ngaqina ngokomqond­o. Njengamanj­e sekulula ukubhekana nezimo ezinzima ngisho ngidlala kwelesizwe. Ngizimisel­e ngokuqhube­ka nokusebenz­a kanzima,” kusho uZwane.

Njengamanj­e iBafana isidinga ukunqoba imidlalo yayo emibili esele ezoyidlala neSenegal (ekhaya nasekuhamb­eni) bese izibekisel­a indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.

“Konke kuncike kithina njengamanj­e. Awukho umqhudelwa­no omkhulu ukwedlula iNdebe yoMhlaba. Okuhle wukuthi sonke siyakwazi okufanele sikwenze. Siwubukile sonke umdlalo weSenegal neCape Verde. Kumele sinqobe ekhaya siphinde sinqobe nasekuhamb­eni. Uma sizimisele ngicabanga ukuthi sizokwazi ukunqoba njengoba senzile kwiBurkina Faso,” kusho uZwane.

Emdlalweni olandelayo we-Absa Premiershi­p iSundowns izobhekana neKaizer Chiefs ngoLwesibi­li oluzayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa