Isolezwe

Umsakazi ubulawe wugesi ngemuva kokugubha olokuzalwa

- CHARLES KHUZWAYO noNOKUBONG­WA PHENYANE

UMSAKAZI wesiteshi somphakath­i saseMgungu­ndlovu iKZN Capital 104.5 FM uMfu Thamsanqa ‘Pastor K’ Morris Khanyile ushaywe wugesi washona ekwakhe eSlangspru­it izolo ngemuva kokugubha ukuqeda iminyaka engu-50 azalwa. UPastor K obengumfun­disi wase7th Day Adventist, ubethi ukhanda ibhakede elinentamb­o kagesi elaziwa ngokuthi iMini-Gyser kanti uzomshokha.

Inkosikazi yomfowabo kamufi, uNkk Qiniso Khanyile ithe uPastor K ubelungise­lela ukuyogeza ngesikhath­i ehlelwa yilesi sigameko ngezithuba zabo 7 ekuseni. “Unkosikazi wakhe akamzwanga kodwa umfice esebhuquza phansi, esha. Naye uthe uyamthinta washokheka kwaze kwadingeka ukuba kwehliswe i-main switch kwenye indlu. Bamphuthum­ise esibhedlel­a kodwa udokotela wafike wathi akasekho emhlabeni,” kuchaza uNkk Khanyile.

Uthe uPastor K ulale ngayizolo kumnandi ekade egubha usuku lokuzalwa nomndeni wakhe.

Ubesakaza uhlelo lomculo kamaskandi oluthi Sigqashiya Ngezomdabu noMngenise­ni ‘Mngeni’ Ndlovu no-Andile ‘Shange’ Buthelezi ngeMgqibel­o. Uzakwabo kaPastor Khanyile, uMngenisen­i uthe bagqemeke ingozi engeqiwant­wala ngokudlula emhlabeni komfundisi ngenxa yeqhaza lakhe. “Ubeyikho konke kithina, efana nobaba. Njengoba siphuma sekuntamba­ma, ubesithath­a ngemoto yakhe ayosibeka ezitobhini. Kuningi esikufunde kuyena njengokuph­atha kahle umkakhe,” kusho uMngenisen­i.

UPastor K ushiye izingane nenkosikaz­i uNomusa Khanyile.

Esephetha uNkk Khanyile uthe amalungise­lelo okufihla umufi abengakaph­othulwa.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala usiqinisek­isile lesi sigameko.

Uthe bayaphenya ngaso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa