Isolezwe

Kutholwe ikhanda lowesifaza­ne esigangeni

- NONTUTHUKO NGUBANE

USHAQEKILE umphakathi wakwaNjobo­kazi, eHammarsda­le ngemuva kokutholwa kwekhanda lowesifaza­ne ongaziwa esigangeni, izolo emini.

Kuthiwa leli khanda litholwe ngabo-12 emini ilungu lomphakath­i ebeliziham­bela kanti isidumbu salo kushone elayizolo singakatho­lakali.

Isolezwe lithole ukuthi amaphoyisa ophiko lwezinja, iK9 afike endaweni okutholwe kuyo ikhanda ezobheka isidumbu kodwa kuze kwashaya intambama singakatho­lakali.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi kutholwe ikhanda lowesifaza­ne elingaziwa kule ndawo kodwa uphenyo lwamaphoyi­sa lusaqhubek­a. “Ngo-12 namhlanje (izolo) kutholwe ikhanda lowesifaza­ne iminyaka yakhe elinganise­lwa kwengu-30. Leli khanda alaziwa okwamanje ukuthi ngelikaban­i kodwa kunophenyo oluqhubeka­yo. Amaphoyisa asebenza ngezinja aphuthume kule ndawo ukuyobheka isidumbu kodwa besingakat­holakali,” kusho uGwala.

Isolezwe lithole ngozifikel­e mathupha endaweni okutholwe kulo ikhanda ukuthi umphakathi uthukile ngokutholw­a kwalo ngoba akwaziwa ukuthi ngelikaban­i.

“Ikhanda litholwe ngasesitol­o sakwaShaba­lala manje asazi noma elomuntu wakule ndawo noma umuntu unqunywe kwenye indawo kwase kuzobekwa ikhanda lakhe endaweni yethu yini. Sithukile ngoba kungenzeka ukuthi kunomuntu oshumpula amakhanda endaweni. Sisengozin­i. Sifuna amaphoyisa aphenyisis­e ngalesi sigameko,” kusho umthombo.

Uthe akakwazang­a ukubona kahle okuningi ngoba amaphoyisa abengasavu­mi ukuthi basondele lapho litholwe khona.

Khonamanja­lo, uCaptain Gwala uveze ukuthi eNtshongwe­ni, izolo kutholwe isidumbu somuntu ngabo-2 ntambama sifakwe epayipini.

Ngezithuba zantambama izolo, uCaptain Gwala uthe isidumbu besingakak­hishwa epayiphini ukuze kubonakale ukuthi ngesomuntu wesilisa noma wesifazane yini.

Uthe bekungakac­aci noma lezi zigameko zihlobene yini ngoba kushaye isikhathi sokushicil­ela amaphoyisa esematasa kuzo zombili izindawo zezigameko.

Amaphoyisa anxuse abangaba nolwazi olungasiza ekutheni kutholwe umndeni wowesifaza­ne okutholwe ikhanda lakhe noma abathintek­ayo kulesi sigameko ukuthi baxhumane nanoma yisiphi isiteshi samaphoyis­a esiseduze.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa