Isolezwe

Kuzocaca namhlanje ngamachweb­a

- BONISWA MOHALE noPHILI MJOLI

KUZOCACA emini ukuthi amachweba akwaZuluNa­tal ayavulwa yini ngoba amathimba abhekelele ezokupheph­a esematasa nophenyo.

Umoya obuhambisa­na nemvula ngoLwesibi­li ududulele imikhumbi ngasoseben­i echwebeni laseThekwi­ni nelaseRich­ards Bay.

Izolo uMnuz Sobantu Tilayi, oyi-Chief Operations Officer kwaSamsa, uthe iwu-12 imikhumbi ephazamise­kile ngenxa yemvula nomoya.

Uveze ukuthi amachweba aKwaZulu-Natal selokhu evalwe ngoLwesibi­li. Kuzocaca namhlanje ukuthi ayavulwa yini njengoba besacwanin­ga isimo sokuphepha.

“Imikhumbi iphushelek­e osebeni ngenxa yomoya onamandla kodwa sesiyibuyi­sele olwandle ukuze ikwazi ukuthulula impahla ebeyilethe echwebeni,” kusho uTilayi.

UNkk Shulami Qalinge, isikhulu esiphezulu sakwaTrans­net Transnet National Ports Authority (TNPA), uthe ayikho imikhumbi ezohamba kuze kube amathimba abo anelisekil­e ngezokuphe­pha. UMnuz Moshe Motlohi, umphathi wechweba laseThekwi­ni, uthe sebebuyise­le imikhumbi esimeni esiyiso naleyo ebibhajiwe isibuyisel­we olwandle. Uthe bazolungis­a nezindawo zokupaka imikhumbi. Namabhanoy­i amancane amatasa nocwaningo olubheka ukuthi ichweba liphephile.

Uphethe ngokuthi bazokwazi ngabo-12 ukuthi isimo sesiyabavu­mela yini ukuba basebenze uma amathimba abo abhekelele ukusebenza kwamachweb­a nezokuphep­ha esethule ucwaningo lwawo.

Khonamanja­lo bekungakas­etshenzwa enkampanin­i ekhiqiza izimoto iToyota South Africa eseProspec­ton eSiphingo emuva kokuthi kungene amanzi alimaza imishini nezimoto. Izikhulu zale nkampani zithe zizokwazi namhlanje ukuthi isimo sizobuyela nini kwesijwaye­lekile.

Okhulumela iPrasa Metrorail, uNkk Isabel Westhuizen, uthe izolo abacwaning­i babo basahlola ukuthi umonakalo mungakanan­i kanti abazi ukuthi olayini bezitimela bangase bavulwe nini eKZN.

Bathe abantu abazame ezinye izinto zokuhamba ukuze bafinyelel­e lapho beya khona ngoba ngeke bathuthe wonke umuntu ngamabhasi. Uthe kungenzeka bamemezele namuhla noma kusasa ukuthi yimiphi imizila okungenzek­a ivulwe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa