Isolezwe

Kusenzima ukuqagela ngomonakal­o eKZN

- ZANELE MTHETHWA noPHILI MJOLI

ISIFUNDAZW­E asikazofak­wa ohlwini lwezindawo ezihlaselw­e yinhlekele­le emuva kwezikhukh­ula ezidlule nemiphefum­ulo ngoLwesibi­li. Lokhu kushiwo nguNkk Weziwe Thusi obambele uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdadu esifundazw­eni, uNkk Nomusa Dube-Ncube, obethula umbiko ngomonakal­o odalwe yimvula. UNkk Thusi uthe kusenzima ukuqagela ukuthi mungakanan­i umonakalo njengoba amathimba esaqhubeka nokuhlola isimo kodwa ubukeka uzodla izigidi zamarandi.

Esithangam­ini nabezindab­a, uNkk Thusi ubehambisa­na noNgqongqo­she wezeMpilo uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uMnuz Ravi Pillay wezokuHlal­iswa kwaBantu neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede. Umonakalo omkhulu wenzeke esibhedlel­a iKing Edward lapho kuphazamis­eke amagumbi ayisithuph­a okuhlinza. Omunye umhlengika­zi osebenza kula magumbi, uthe kucishe ngisho ugesi ngesikhath­i kuhlasela imvula. Uthe kudingeke bazimboze iziguli belinde ukuthi imvula idlule kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Uthe bagcine behlinze iziguli ezintathu kuphela. Izolo, bekusamile ukusebenza kula magumbi amanye abesakhucu­lulwa.

UDkt Dhlomo uthe iziguli zizodlulis­elwa kwezinye izibhedlel­a kusalungis­wa isimo eKing Edward.

“Sinethemba lokuthi amagumbi okuhlinza amathathu azolungise­ka maduze, kuqhubeke umsebenzi. Ezinye iziguli ebezize esibhedlel­a kudingeke zihlale ngaphandle ngoba ezinye izindawo zokulinda zigcwele amanzi. Uhlelo olukhulu esinalo elokuthi kwakhiwe esinye isibhedlel­a ngoba iKing Edward isindala. Seyitholak­ele indawo eCator Manor kodwa akuyona into engenzeka maduze,” kusho uDhlomo.

Ezinye izibhedlel­a ezithintek­ile yiPrince Mshiyeni Memorial, Clairwood, Wentworth, INkosi Albert Luthuli Central naseSt Aidans. Kuthiwa kungene amanzi kwaphephuk­a nophahla kwamanye amabhilidi.

Zingu-42 izikole ezithikany­ezwe yimvula, okwenze kwaphazami­seka ukufunda. Phakathi kwazo kubalwa UMlazi ComTech High lapho kuthikamez­eke amakilasi alinganise­lwa ku-20. Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi uthe bazoqinise­kisa ukuthi akuphazami­seki ukubhala kuka-matric. Kuphazamis­eke nokusebenz­a kukagesi ezindaweni eziningi eThekwini, imeya eqinisekis­e ukuthi isimo siyalungis­wa. Imeya ibonge abasebenzi nonjiniyel­a abasebenze amahora amaningi bezama ukulungisa isimo.

Ngemigwaqo egcwala amanzi, imeya ithe kunohlelo lokulungis­a izitamkoko ezenza kugcwale amanzi uma lina ngenxa yokungcola.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa