Isolezwe

I-SIU ibuyise izigidi ebeziphuma ngesinxele kuhulumeni

- MAYIBONGWE MAQHINA

ISPECIAL Investigat­ing Unit (SIU) ibuyise uR126 million obuwebiwe ezinkampan­ini zikahulume­ni yaphinde yamisa izinkontil­eka zemali elinganise­lwa kuR4 billion ebezizokhi­shwa onyakeni ka-2016/17.

Inhloko yeSIU, uMnuz Andy Mothibi, itshele amalungu ePhalamend­e ukuthi bayayivimb­a inkohlakal­o njengoba bewine amacala abezodla uR300 million.

“Siphinde sabuyisa uR43.5 million wempahla ebithathiw­e. Saphinde savimba ukumosheka kuka-R106.5 million. Thina besilindel­e ukuqoqa u-R18 million kodwa size seqa kule mali sakwazi ukubuyisa imali eningi,” kusho uMothibi.

Phakathi kwezinkont­ileka ezivinjwe yiSIU ukuba zikhishwe ngoba zinogcobho kubalwa ekaR651 million ebizonikwa iGijima nguMnyango wezoLwazi nobuChweph­eshe, kube nguR756 million obukhishwa nguMnyango wezokuXhum­ana obuzokwenz­a uhlelo lwe-digital migration oluzoshint­sha ezokusakaz­a kwithelevi­shini.

Enye inkontilek­a emisiwe ngekaR2.5 billion ebikhishwa nguMnyango wezokuThut­ha uzoyinika iTasima.

UMothibi uthe baphinde bonga uR3.8 billion ngamacala obekumanga­lelwa kuwo izinkampan­i zikahulume­ni.

Uthe bazophinde bafake icala enkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu njengoba befuna kubuyiswe uR155 million owakhokhel­wa uMnuz Minenhle Makhanya owayengame­le umsebenzi wokuthuthu­kiswa komuzi kaMengamel­i Jacob Zuma oseNkandla.

“Ngithole umbiko wokuthi abameli bakaMakhan­ya sebehoxile. Lokhu sikujwayel­e emacaleni alethwa kuthina. Sinamacala angu-108 esiwathume­le ophikweni lwezokushu­shisa nangu-137 esiwadluli­sele eminyangwe­ni ukuthi ishushise abanamacal­a,” kusho uMothibi.

Uthe kunophenyo oluqhubeka­yo olwenziwa kwa-Eskom, nakwaSITA.

“Siyathanda ukusebenzi­sana nezinkampa­ni zikahulume­ni ukuze sizichazel­e ngomsebenz­i wethu. Sikholwa wukuthi singazisiz­a ngendlela efanayo kwezomthet­ho nezinkampa­ni ezizimele,” kusho uMothibi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa