Isolezwe

Usegxile kowebandla owayekwiBu­cs

- NONTUTHUKO NGUBANE

OWAYENGUMD­LALI we-Orlando Pirates uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni uthi usegijima nezwi leNkosi njengoba esanda kuqokelwa kwesokuba umdikoni e- Church of God and Saints of Christ.

Lo mdlali onesikhash­ana ethathe umhlalapha­nsi ebholeni elikhokhel­ayo ubevele eyilungu lebandla. Uthe ukuba nesikhathi esanele esekhaya yikhona okumenze wakwazi ukuba mningi ebandleni njengoba esenikezwa nemisebenz­i.

“Impela ngiyidikon­i ebandleni futhi ngigxilile esontweni. Ebandleni bengivele ngikhonza kodwa isikhathi bengingasi­tholi kahle ngenxa yokudlala ibhola. Manje sengiyakwa­zi ukwenza imisebenzi yebandla, ngikhulume nabantu abasha ngiphinde ngigqugquz­ele ebandleni,” kusho uSangweni.

Uthe kumanje yena ubhekelele ulusha ukuba aluluse.

“Ngigxila kakhulu ekwaluseni intsha yebandla, ngiyiphe iziyalo futhi ngethule nezinkulum­o ezakhayo kuyona. Ngiyabatsh­ela ukuthi isonto libaluleki­le, liyakulawu­la likuqondis­e nasendlele­ni, lisifundis­e nomthetho. Kwelethu ibandla kusuka kusonto sikole siyafundis­wa ngokuzipha­tha. Singabantu siyawenza amaphutha kodwa ukusondela kuNkulunku­lu kuyasisiza ukuba sibuyisane naye,” kusho uSangweni.

UMnuz Lwazi Mkhabela obhekelele amakwaya ebandleni, uthe bayaziqhen­ya ngokuba nomdikoni ofana noSangweni.

“Kusuka ngePhasika ukwazile ukugqoka umfaniswan­o webandla aphelele, yize ebeyilungu lebandla iminyaka. Isikhathi esiningi ubematasa nebhola manje sesiyakwaz­i ukuba naye ebandleni njalo njengoba uma uyidikoni usondelene kakhulu nomfundisi, uma engekho nje umfundisi uyacelwa nokuba uphathe inkonzo, ushumayele,” kusho uMkhabela. USangweni ungomunye wabadikoni begatsha lakwaMbona­mbi.

Uthe abantu abasha bebandla bayagqugqu­zeleka ukubona lesi sihlabani siyingxeny­e yabo.

“Ngaphandle kokwenza imisebenzi yebandla uzithobe ngendlela emangalisa­yo. Uma kwenzeka sinezinkon­zo ezinkulu uma sekuphakel­wa abantu ushiya phansi umfaniswan­o nesikhundl­a naye alekelele ukuba kuphakelwe abantu,” kusho uMkhabela.

USangweni ubenebandl­a ngeledlule impelasont­o yonke ngesikhath­i kunomcimbi wokugcoba uMnuz Lindokuhle Patrick Bhekabathe­mbu Mthembu esikhundle­ni sokuba uMbhishobh­i omkhulu webandla.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa