Ucwaningo oluzocacisa ngesimo sokusabalala kweTB
KUNETHEMBA lokuthi ucwaningo lofuba olusanda kuqalwa esifundazweni saKwaZulu-Natal luzocacisa ngesimo sofuba eNingizimu Afrika.
Lolu cwaningo olwaziwa ngeTB Prevalence Survey lukazwelonke oluqalwe kulesi sifundazwe ngo-Agasti kulo nyaka kulindeleke ukuthi luveze isimo sokusabalala kofuba nokuthi yini engenziwa ukulunqanda.
INingizimu Afrika ingelinye lamazwe angu14 ahamba phambili ezibalweni zabantu abanofuba nofuba olungazweli kumishanguzo. Elakuleli liphinde libe nezibalo eziphezulu zabantu abanofuba bebe benegciwane lengculazi.
Lokhu kwenza ukuthi libe ngelinye lamazwe aba sohlwini lamazwe okufanele enze ucwaningo.
Lolu cwaningo luholwa ngumnyango wezempilo ngokubambisana nezinhlangano zezempilo iHuman Sciences Research Council (HRSC), iSouth African Medical Research Council (SAMRC), neNational Health Laboratory Services (NHLS). Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke uMnuz Popo Maja, uthe abakufisayo ukuthi abantu bakusukumele ukuba yingxenye yocwaningo njengoba bezimisele ngokukhuluma nabantu abangu-55 000. “Impumelelo yocwaningo incike kakhulu ekutheni abantu bakuleli bazibandakanye nalo. Ukuzibandakanya kwabantu kuzosiza ekutheni sazi kangcono ngesimo sofuba emphakathini. Okuzozuzwa umphakathi ngalokhu ukuthi sizokwazi ukuletha izinhlelo zokulwa nofuba ezisezingeni emiphakathini,” kusho uMaja.
Uthe ngeke bagcine kuphela ngokubheka ufuba kodwa bazothola ithuba lokuhlola abantu babahlolele igciwane lengculazi.
Lolu cwaningo okulindeleke ukuthi luthathe iminyaka emibili ukuthi luphothulwe, luqalwe KwaZulu-Natal ngo-Agasti 17 nonyaka.
Ngesonto eledlule ithimba elihambela amalungu omphakathi liqoqa imininingwane yocwaningo beliseMatimatolo.
Kusuka izolo bekulindeleke ukuthi libe sesifundeni saseKing Cetshwayo.
UMaja uthe labo abazoba yingxenye yocwaningo abantu abahlala ezindaweni eziqokwe ukuthi zibe yingxenye yocwaningo – ngeke kube yinoma ngubani ofisa ukuba yingxenye yalo. Izindawo ezizoba yingxenye yocwaningo zikhethwa ngaphambi kokuthi luqale.