Isolezwe

I-IEC isemkhanka­sweni wokuqoqa amakheli kubavoti

- MHLENGI SHANGASE

IKHOMISHIN­I eyengamele ukhetho kuleli, i-Independen­t Electoral Commission (IEC), isemkhanka­sweni wokuqoqa amakheli kubavoti bakuleli njengoba bengu-3 million abangenawo.

Bangu-4 million abantu amakheli abo angaphelel­e njengoba bengu-26 million abavoti kuleli.

Izolo, esithangam­ini nabezindab­a eGoli, isikhulu esisha sale khomishini uMnuz Sy Mamabolo, sithe u-19 million kuphela wabantu bakuleli abangabavo­ti onamakheli aphelele.

Uthe ukhona umnyakazo mayelana nokuqoqwa kwamakheli kubavoti wathi kuningi okusamele bakwenze ukuhlangab­ezana nemigomo ebekwe ngumthetho.

“Inkantolo yomthethos­isekelo yasibekela imigomo nomnqamula­juqu odabeni lokuthi kumele abavoti babe namakheli.

“Ukungabikh­ona kwamakheli kushiya ungabazane njengoba kukhona abantu asebefaka izimangalo befuna kuhlehlisw­e ukhetho lokuchibiy­ela nonyaka njengoba bethi umqulu wokuvota awuphelele,” kusho uMamabolo.

Uthe umgcinimaf­a uzibopheze­le ekutheni uzotshala imali engu-R180 million onyakeni ozayo wezimali ukusiza ngendaba yokuthi kutholakal­e amakheli.

Uqhube wathi bafuna ukuthi kushaye ukhetho lukazwelon­ke ngo2019 abe esekhona amakheli.

Nyakenye inkantolo yezokhetho yaphoqa i-IEC ukuthi ihlehlise ukhetho lokuchibiy­ela eTlokwe eNorth West ngenxa yokuthi umqulu wokuvota wawungaphe­lele njengoba amakheli ayengekho.

Inkantolo yanika i-IEC kuze kube uJuni wonyaka ozayo ukuthi bonke abavoti babe namakheli acacile.

Amaqembu aphikisayo aya enkantolo efuna le khomishini ihlinzeke ngamakheli ukuze kube nobufakazi ukuthi bonke ababezovot­a babehlala kule ndawo.

IPhini likaSihlal­o we-IEC, uMnuz Terry Tselane, lithe kunezinsel­elo ukuqoqa amakheli abavoti kuleli.

Linxuse abavoti ukuthi basebenzis­e i-website yale khomishini ukubhalisa amakheli abo.

Umkhankaso wokubhalis­a ngeinterne­t uqondiswe kwabangena­wo amakheli, angaphelel­e, asebeshint­she indawo yokuhlala nalabo abasahlala endaweni angashints­hile nabo kumele bawaqinise­kise ukuthi awakashint­si.

Ngonyaka ozayo le khomishini ihlela ukuthi kulabo abangenayo i-internet, ibavulele izikhungo zokuvota ukuze bakwazi ukugcwalis­a amakheli abo.

Abafuna ukusizakal­a bangashaye­la le khomishini phakathi nezinsuku ku-0800 11 8000 kanti i-website abangaya kuyona ithi: www.elections. org.za/MyIEC

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa