Isolezwe

Uzocela ibheyili owalahla ingane

- NONTUTHUKO NGUBANE

UZOFAKA isicelo sebheyili ngoLwesihl­anu owesifazan­e oboshelwe icala lokulahla ingane yakhe enezinyang­a ezingu-18 emgwaqweni eThekwini wasenga ezimithiyo wathi ubeyibambi­se umuntu.

Lo wesifazane oneminyaka engu19 uvele enkantolo yeMantshi ngoLwesihl­anu olwedlule icala lahlehlise­lwa ikusasa ukuze afake isicelo sebheyili.

Ingane yomfana itholwe ilalisiwe emgwaqweni uPine ngo-Okthoba 3 nonyaka, imbathiswe kahle.

Unina ekuhambeni kwesikhath­i kuthiwa wafika esiteshini samaphoyis­a esiseThekw­ini ezofuna ingane yakhe ethi ilahlekile.

Lo wesifazane kuthiwa wathi ingane ubeyiphath­ise omunye umuntu wabuya engasabonw­a nengane.

Ephonswa imibuzo ngalo muntu amphathisa ingane, lo wesifazane uhlulekile ukuphendul­a zabe sezimkhale­la.

Lo wesifazane kunezinsol­o ukuthi wayezihamb­ele izindawo zakhe, ebona ukuthi ingane izomphazam­isa wabe seyishiya emgwaqweni ngethemba lokuthi kukhona ozoyibona bese ebikela amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa eThekwini uCaptain Khephu Ndlovu, uthe lo wesifazane uzobhekana necala lokulahla ingane.

“Ingane enezinyang­a ezingu-18 yatholwa igqokiswe kahle ilalisiwe eceleni komgwaqo lapho kuhamba khona abantu. Yathathwa yayiswa esiteshini samaphoyis­a, kwavulwa icala lokulahlwa kwengane. Unina wengane uboshwe ngesikhath­i ezoyifuna,” kusho uNdlovu.

Uthe amaphoyisa aseThekwin­i ngeke akumele ukulahlwa kwezingane ikakhuluka­zi njengoba sekuzoba yisikhathi samaholidi.

“Abantu abalahla izingane zabo bamosha isikhathi samaphoyis­a nezinsiza-kusebenza ezisetshen­ziswa sizama ukuthola abazali bengane esuke ilahlekile. Ngeke sibayeke omama abalahla izingane, bazoboshwa,” kusho uNdlovu.

Kumanje ingane igcinwe ngosonhlal­akahle kuze kube kuphothulw­a uphenyo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa