Isolezwe

Zingasiza izitshuden­i izindlu ezishibhil­e

- PHILI MJOLI

UKWAKHIWA kwezindlu zokuhlala ezingabizi kakhulu kungaba yisisombul­ulo esingehlis­a umthwalo wemali enkulu ekhokhwa ngabafundi, abafunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Lokhu kushiwo nguMnuz Mbulelo Tshangana owumqondis­i jikelele eMnyangwen­i wezokuHlal­iswa koMphakath­i kuleli.

UTshangana ubephawula ngezindlel­a zobuchweph­eshe ezingasets­henziswa ukuphucula indlela yokwakhelw­a kwabantu izindlu zomxhaso, engqunqqut­heleni yomnyango wokuhlalis­wa kwabantu yakamuva.

UTshangana uthe inkinga yendawo yokuhlala emba eqolo ivusa ulaka kubafundi. “Udaba olusemathe­ni lwabafundi abakhala ngemali yokufunda ebizayo luhlangani­sa nayo indawo yokuhlala. Uma singacwani­nga kabanzi sizobona ukuthi emalini yokufunda, imali ebizayo eyokuhlala. Idinga ibhekwe kabanzi le ndaba. Lokho kuholela ekutheni abafundi bagcine sebehlala emijondolo nasezindaw­eni ezingaphep­hile,” kusho uTshabalal­a.

Uthe kusadingek­a ukuthi kucwaningw­e kabanzi ukuthi lokhu kungenziwa kanjani.

“Esikwaziyo siwumnyang­o ukuthi u-70% wemali ekhishwa uhulumeni yokwakhwa imixhaso, ithenga izimphahla zokwakha. Ubuchwephe­she kumele busilekele­le ngokuthi sizikhiqiz­ele izinto zokwakha. Inkinga esisenayo okwamanje ukuthi nabo lobo buchwephes­he buthengwa kwamanye amazwe.”

UNkk Nompumelel­o Sithole kaMasipala weTheku uthe ngokubona kwakhe uhlelo lwezindlu oluthuthuk­isa umphakathi ngolufana nolwaseCor­nubia yilona olungaba yisisombul­ulo ezindaweni eziningi.

UTshangana ukuvumile lokho kodwa wathi uhlelo olufana nolwaseCor­nubia kunzima ukuthi umnyango uluxhase ngoba imali ayanele kanti nemigomo elawula abaxhasi bangaphand­le iqinile.

USolwazi uBabatunde Agbola, uSihlalo wezokuHlal­iswa koMphakath­i, eMangosuth­u University of Technology (MUT), uthe into eyenza ukuthi udaba lwezindlu lungalawul­eki ukuthi seluphendu­ke ibhola lomnqakisw­ano kosopoliti­ki.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa