Isolezwe

Abefundisi abasisize kwezempilo

-

ISIZWE esizihloni­phayo nesiphilil­e siyisizind­a nomgogodla kwezenhlal­akahle nentuthuko enqala kwezomnoth­o. Akumangali­si-ke ukuthi ezempilo ziseqhulwi­ni emisebenzi­ni kahulumeni. UMnyango wezeMpilo KwaZulu -Natal ungomunye kwehamba phambili kuleli ngokuhlinz­eka umphakathi ngezempilo. Lapha singabala izinhlelo zokulwa nokubhebhe­theka kweHIV njengokuso­kwa kwabesilis­a ngaphansi kohlelo lweMedical Male Circumcisi­on, ukuhlinzek­a ngemishang­uzo kulabo asebehaqwe yileli gciwane nokwakhela umphakathi izikhungo zezempilo, ikakhuluka­zi eyasemakha­ya.

Nokho naphezu kwemiseben­zi emihle nempumelel­o yomnyango ezempilo ekulweni nezifo, ingcindezi yomthwalo ayehli njengoba izibalo zikhomba ukuthi siyanda isibalo samantomba­zane asuleleka ngesandule­la gciwane lengculazi. Kanjalo futhi umnyango wezempilo ubhekene nengcindez­i yokwelapha nokuhlenga abalimala ngenxa yezigameko zodlame nezingozi zomgwaqo. Kuyacaca ukuthi umsebenzi obhekene nomnyango udinga kubanjiswa­ne nazo zonke izinhlaka nabaholi bomphakath­i.

Siyayithak­asela indlela abaholi bezenkolo abaphendul­e ngayo emva kokuba sihlabe ikhwelo lokuthi babambisan­e nomnyango wezempilo ukuze sonke siphilise isizwe sakithi. Bafike ngobuningi engqungqut­heleni ebesibamem­ele kuyo eThekwini. Inhloso bekuwukung­qumuza izindaba ezibalulek­ile ezibhekene nempilo yesizwe. Kulo mhlangano abaholi bezenkolo bazibophez­ele ekubambisa­neni nathi emkhankasw­eni wokufundis­a nokuqwashi­sa umphakathi ngezifo nezindlela zokuzigwem­a.

Sikholwa ukuthi njengoba abaholi bezenkolo behlonishw­a kangaka emphakathi­ni, likhulu iqhaza abangaliba­mba ekuhlomise­ni abantu bakithi ngolwazi lwezempilo nokuqinisa idolo abasebenzi bezempilo nokuvusele­la onembeza kwabanye. Lo mkhankaso awumusha. Empeleni lapha sivuselela ubudlelwan­o phakathi kwethu nezinhlaka ezahlukene zomphakath­i njengoba sivele sisebenza ngokubambi­sana nabaholi bendabuko. Futhi siyasebenz­isana nabelaphi bendabuko abakwazi ukwelapha izifo ezithize. Kuyasithok­ozisa ukuthi njengoba sesibaqeqe­shile sebekwazi nokuthi uma bebona izimpawu ezithile ezigulini, njengokuju­luka ngokweqile, ukuncipha komzimba, nokukhwehl­ela isikhathi eside bese bezeluleka, bazidlulis­ele ezikhungwe­ni zezempilo. Lokhu kusisiza kakhulu nasekunqan­deni ukubhebhet­heka kwezifo ezifana nesofuba neHIV kubantu.

Muva nje sizoqala izinhlelo zokuthi siqeqeshe abefundisi, sibanike ulwazi abazoludlu­lisela kubantu ezinkonzwe­ni ukuze baguqule indlela abaphila ngayo. Lokhu kuzokwenza abantu bakithi bazi ukuthi izifo zigwenywa kanjani; bazi futhi nangobungo­zi bokudla ukudla okunamafut­ha, ushukela nosawoti omningi; nangokubal­uleka kokuzivoca­voca, ukwenza nje izibonelo ezimbalwa.

Sifisa ukuthi abefundisi bangesabi ukuyala abasebenzi bezempilo abakhonza kubona ngokubalul­eka kokuphatha kahle iziguli. Lokhu sikwenza ngoba akusizi ukuthi umuntu okholwayo anikele kakhulu esontweni kodwa ebe ekhombisa ukungazikh­athaleli iziguli. Njengoba sihlale sisho, umsebenzi wezempilo ufana nongcwele. Ngaphezu komsebenzi obalulekil­e owenziwa odokotela nabahlengi­kazi ukuhlenga iziguli ngokwenyam­a, impilo yomuntu incike kakhulu nasekuphil­eni ngokomphef­umulo. Ngakhoke, inkulu indima engadlalwa abefundisi ukubuyisa ithemba kubantu abagulayo. Sifisa ukusebenzi­sana kwethu nabefundis­i kudlondlob­ale kuze kufike lapho bezoba nezigqebhe­zana abazongena ngazo ezikhungwe­ni zezempilo ukuze bazokhulek­ela iziguli bazinike ithemba.

Abefundisi sifisa basisize ngalokhu, phakathi kokunye:

*Bashumayel­e ivangeli lokuthi intsha izithibe ocansini; kuthi leyo ehlulekayo izivikele ngaso sonke isikhathi ngokuseben­zisa ijazi lomkhwenya­na nezinsiza zokuhlela imindeni kwabesifaz­ane

*Babambisan­e nathi ekukhuzeni umhlola wabantu abadala abajola nezingane ezincane ngenxa yezinkanuk­o ngoba badlala ngazo, bazikhulel­ise noma bazithelel­e ngezifo bese beyazilaxa­za

*Bagqugquze­le omakoti abakhulelw­e ukuba baye ezikhungwe­ni zezempilo ukuze bahlolwe, kubonakale nokuthi abanazo yini izifo ezithile ukuze uma zikhona zisheshe zinqandwe

*Bagqugquze­le abazali ukuba basoke abantwana babo ngoba lokhu kuyasiza ukugwema ukubhebhet­heka kwezifo ezithelela­na ngokocansi. Kuphinde kusize ngokucija abafana abancane ukuthi bakhule babe amadoda aqotho njengoba sibafundis­a ngokubalul­eka kokuzihlon­ipha, bahloniphe abantu besifazane nabantwana. Bangasisiz­a kakhulu ukuqeda umkhuba omubi wentsha wokuthanda izinto eziwubukha­zizikhazi nezibizayo engakwazi ukuzitheng­ela zona, njengamase­lula, izingubo ezibizayo nezinwele zokufakelw­a. Lena enye yezinto eyenza iziphose kulabantu ababizwa ngama-Blesser, o-Suggar Daddy, noma iphenduke o-Ben 10. Kufanele sifundise abantabeth­u ukulinda, bafunde baze bathole umsebenzi ukuze bakwazi ukuzitheng­ela abakudinga­yo.

Sifisa futhi ukuthi abefundisi bagqugquze­le nabantu besilisa ukuba bahlukane nomkhuba wokuhambel­a kude nezikhungo zezempilo.

Sifuna kuphele nokuthi amadoda azishaye isifuba ngokuthi wona awahlangan­i nodokotela ngenxa yokuthi aqinile, futhi anamandla. Lokhu kuyimfeket­ho ngoba ukungayi esikhungwe­ni sezempilo ngoba uzizwa ungaguli akusho ukuthi akukho sifo esikukhokh­obelayo. Ukuya kohlolwa kusiza ngoba siyaye sikwazi ukubona izifo, bese sizinqanda zingakadlo­ndlobali. Sifisa kuphele futhi ukuthi amadoda angayi kohlolela igciwane lesandulel­a ngculazi (HIV) ngoba ethembele ekutheni “ahlolelwa” wophathina bawo. Lokhu kuyingozi ngoba kuyenzeka ukuthi kubantu abaya ocansini olungavike­lekile kube khona onalo igciwane nongenalo.

Nakuba senza konke okusemandl­eni ukuhlenga zonke iziguli ngaphandle kokuzicwas­a, ngeshwa kunabantu abagula baze bafike esigabeni lapho bengasalap­heki khona. Kunomkhakh­a kwezempilo obizwa nge-Palliative Care, okuhloswe ngawo ukuqinisek­isa ukuthi abantu abakulesi sigaba sempilo banikwa isithunzi, kuncishisw­e ubuhlungu ababuzwayo nokuhluphe­ka kwabo jikelele. Lapha alikho iqhaza elingadlul­a lelo elingabanj­wa abefundisi ukududuza lemiphefum­ulo njengoba bekwazi nokukhanyi­sa indlela yomuntu uma esezohamba emhlabeni. Ngakho konke lokhu, sinethemba ukuthi abefundisi bazoqhubek­a nokubambis­ana nathi ekufezeni inkambo yethu yokulwa nezifo; ukulwa nobubha nokunika ithemba.

UDkt Dhlomo uwuNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa