Isolezwe

‘Akumele ihlangane nepolitiki inkolo’

- ZIMASA MATIWANE

IPOLITIKI nokholo akufanele kuhlangane. Lona ngumyalezo wabefundis­i bamahlelo ahlukene kubaholi be-ANC abagaqele isikhundla sokuhola le nhlangano asebedume ngokugasel­a emasontwen­i ukuze bagaye ivoti.

UCardinal Wilfrid Napier ongu-Archbishop wamaRoma aKhatholik­a, eThekwini uthe amasonto akufanele asetshenzi­selwe ukugaya ivoti ngoba ipolitiki nokholo akuhlangan­i.

Uveze ukuthi amakholwa angamalung­u ezinhlanga­no ezihlukene zepolitiki ngakho ukuvumela inhlangano eyodwa ukuthi izokhuluma esontweni akwakhi isithombe esihle.

Kulezi zinyanga ezimbalwa kubonakale uDkt Nkosazana Dlamini Zuma noMnuz Cyril Ramaphosa bevakashel­a amasonto ahlukene beyogaya ivoti.

UDkt Dlamini Zuma ubonakale eSt Catherine eseBulwer lapho amukelwa khona ngemuva kokubuya emsebenzin­i wakhe wokuba nguSihlalo we-AU Commission.

Kule nkonzo kwakukhona uSihlalo we-ANC KwaZuluNat­al uMnuz Sihle Zikalala owayezokwe­seka uDkt Dlamini Zuma esho nokuthi bafuna ahole i-ANC.

UDkt Dlamini Zuma uphinde waba semiseni ebeliseMar­iannhill ngoJulayi lapho ebekhuluma ngezinhlel­o zakhe zokuhola i-ANC njengomunt­u wesifazane. Ngalokunye uhlangothi uRamaphosa waphoxwa ngamakholw­a ase-Jan Kempdorp, eCalspan eNorthern, Cape, emsola ngokuseben­zisa inkonzo yawo ukuheha abantu.

UNapier uthe isonto akufanele lizihlanga­nise namaqembu epolitiki. “Umthetho webandla awusivumel­e ukuthi silekelele osopolitik­i emikhankas­weni yabo ngoba amakholwa angamalung­u amaqembu ehlukene. Kufanele kube yisonto elikhuzayo uma sekonakele ezweni hhayi ukuthi kube yilona eliseka osopolitik­i abafuna izikhundla. Inkolo akumele ihlangane nepolitiki,” kusho uNapier.

Uthe kwaba yiphutha ukuvunyelw­a kukaRamaph­osa noDkt Dlamini Zuma ukuthi bagaye ivoti emamiseni amaRoma. “Sizoyiding­ida le ndaba yokusetshe­nziswa kwamamisa ukugaya ivoti ngoba iphambene nomthetho webandla. Sizoyixoxa emhlanganw­eni wethu ozoba ngesonto elizayo. Ukugaya ivoti asikuvumel­i ebandleni, esikuvumay­o wukuthi osopolitik­i bakhulume ngezinhlel­o ezisiza umphakathi hhayi ngezinhlan­gano zabo.”

UMengameli weSouth African Hindu Sabha, uMnuz Ashwin Trikamjee uthe izindawo zokukhonza akufanele zisetshenz­iselwe ukugaya ivoti.

“Ipolitiki nokholo akuhlangan­i. Awusoze wathola osopolitik­i bezokhanka­sa ezindaweni zokudumisa zamaHindu,” kusho uTrikamjee.

UMnuz Thokozani Mncwabe okhulumela abaseBuhle­ni uthe ngeke bakwazi ukuphawula ngalolu daba.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa