Isolezwe

Uqubelani usuqashiwe ungawukhok­heli uNSFAS?

-

NGOLWESIBI­LI inhlangano kahulumeni eboleka abafundi imali yokufunda emanyuvesi, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), ithe ikweletwa uR10.1 billion. Kule mali uR6.1 billion ongakhokhi­we wawubolekw­e ngabafundi asebazitho­la iziqu zabo bese kuthi uR4 billion owawubolek­we yilabo abagcina bengazipho­thulanga izifundo zabo.

Ngokweziba­lo zakamuva bangu-123 512 abafundi abashiya phakathi izifundo zabo abakweleta uR4 billion. Ngokomthet­ho wale nhlangano, umuntu kufanele aqale ukukhokhel­a uNSFAS uma esehola ngaphezu kukaR30 000 ngonyaka.

Ukuntuleka kwemiseben­zi ikakhuluka­zi entsheni emnyama ngenye yezinselel­o ezinkulu izwe elibhekene nazo njengoba imisebenzi ekhona ingaphansi kwesibalo sabantu abadinga ukuqashwa.

Lokhu-ke kufanele ukuthi kunomthele­la ekutheni abanye abantu bangayikho­khi imali ikakhuluka­zi labo asebathwes­wa iziqu zabo. Nakubona laba abagcina bengaqedan­ga cishe bayingxeny­e yalaba okuyaye kuthiwe sebephelel­wa wumdlandla wokufesa.

Siyabaxole­la-ke laba abangakhok­hi ngoba bengenayo imisebenzi. Kodwa labo asebeseben­za futhi abahola ngaphezu kukaR30 000 ngonyaka njengokoku­nquma kukaNSFAS kodwa abaqubisil­e nje bengakhiph­i ngisho isenti leli, banehlazo futhi bazicabang­ela bona bodwa.

Uma uthule nje ekubeni usungakwaz­i ukukhokha usuke ucabanga ukuthi sekwanele ngokuthi kusizakale wena kodwa abanye abantu akufanele bona basizakale ngoba phela le mali ekhokhwayo yiyona ephinde yelekelele abanye abafundi nabo abaludinga­yo usizo njengoba nawe wake waludinga.

Kuyajabuli­sa ukuzwa ukuthi uNSFAS uyasebenzi­sana nabaqoqi bentela, uSARS ukuze kuzobanjwa labo abaqubile ekubeni sebeqashiw­e futhi engathi ungangaba namusa uma usubatholi­le, uvele uwundule yonke imali ekwi-akhawunti yomuntu yikhona abantu bezoyeka ukuzicaban­gela bodwa.

Ake sibagqugqu­zele abantu esibaziyo abakweleta uNSFAS abasebenza­yo ukuthi abakhokhe, izwe lizoya phambili uma sicabangel­ana hhayi ukuba ngogombela kwesakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa