Angisazi ukuthi sekufanele ngenze njani ukuze ngithole usizo
MHLELI: Ngangisebenza embuthweni wamaphoyisa kusuka ngo-1992 ngiyiassistant constable kwaze kwaba wu-1994. Sasicwaswa esikhwameni sezimpesheni (GEPF). Kwaze kwaba noshintsho ngo-1994. Kuthe ngoMashi 31, 2012 sabizwa sonke esasikade sicwaswa kwi-GEPF ePolice station yaseStanger sagcwalisiswa ama-forms ezicelo ngaphansi kohlelo lwe-Public Service Co-ordinating Bargaining Council (PSCBC) Resolution 07/1998 noResolution 12/2002 oluthiwa yi-Pension Redress.
Ngavuliswa ibank account kodwa kuze kube manje akukaze kwenzeke lutho. Uma ngibafonela kwa-GEPF bathi kusalindwe i-board ukuthi isho ukuthi asikhokhelwe. Okubuhlungu kwakukhona nabafelokazi ngesikhathi sigcwalisa izicelo kanti namanye amaphoyisa aseze adlula emhlabeni. Okunye udaba sengalubika kumvikeli womphakathi (ref.7/2019784/16) nyakenye ngoSepthemba 26 nakhona kuthule nje. Sengizame kaningi ngiya ehhovisi lomvikeli womphakathi kuthiwe ophethe udaba lwami akekho usemhlanganweni angishiye umyalezo uzobuyela kimina kodwa lutho. Falakhe Victor Kunene ENYONI EMANDENI