Isolezwe

Owesifazan­e wakhe inkulisa eMpangeni

- DELI MNCWABE

UMPHAKATHI waKwaDlang­ezwa, eMpangeni, uzincinza inqulu ngenxa yegxathu elithathwe ngusomabhi­zinisi wendawo lokufukula ezemfundo kule ndawo.

UNksz Lindiwe Dube ungusomabh­izinisi uphinde abhekele ezokukhang­isa nokwazisa enxanxathe­leni yezitolo iSanlam Centre eMpangeni. Uthe uthathe isinyathel­o sokwakha inkulisa iVukuzakhe ukuze kusizakale omuntuza, kuphinde kuvuleke namathuba emisebenzi.

Lokhu kulandelwa wuhlelo olukhombis­a ukuthakase­lwa ngabazali nentsha lweCreativ­e Corner asophondwe­ni lwalo olusenxanx­atheleni yezitolo iSanlam Centre eMpangeni.

Uthi iCreative Corner isiza abafundi ngolwazi, ezobuciko nokuthi bakwazi ukuthola izinsiza zokutadish­a ngaphakath­i eSanlam Centre.

Konke lokhu uthe ukwenza ngenxa yokukhatha­lela imfundo nekusasa eliqhakazi­le lezingane.

“Konke kuhamba ngohlelo, sifuna izingane zakule ndawo zingasweli emfundweni. Zingaze ziye ezindaweni ezikude kodwa thina njengompha­kathi asizenzele okwekhethe­lo,” kusho uNksz Dube

Uthando lwakhe lomphakath­i nenqubekel­a phambili, luphinde lubonakale ezinhlelwe­ni amatasa ngazo kule ndawo.

Ubonga izivivinyo nezinselel­o ake wahlangabe­zana nazo esakhula, njengezime­nze umuntu onesineke nozwelo kwabantula­yo.

UNksz Dube uthe ekhula wayefisa ukuba ngummeli.

“Ngikhule nginezifis­o eziningi, ikakhuluka­zi ezithinta ukusiza abantulayo, izingane nabantu asebedala ngokuthi bavikeleke ngokwezomt­hetho,” kusho uNksz Dube.

Uthe ngenxa yezingqina­mba zasekhaya, ugcine eseyofunda iHuman Resources eVest Tech esibizwa ngoMfolozi College manje.

Ngemuva kokuthola iDiploma yeHuman Resources, uthole umsebenzi kodwa wabuye wayoqala ukufundela ukuba ngummeli. Kulapho ehlangabez­ane nesimo esiholele ekutheni ame ekufundeni.

“Ngathola ingane emgwaqweni ngayithath­a ngayikhuli­sa.”

Uthe ukuze akwazi ukuyinakek­ela, wakhetha ukushiya izifundo zakhe.

“Uma sonke singafaka isandla kwabaswele sibe nozwelo kubona, nabo bayokwenza okufanayo kwisizukul­wane esilandela­yo. Lokhu akusho ukuthi kufanele sikwenze kwabegazi lethu kuphela.”

UNkzs Dube ungumnikaz­i weLindzwa Foundation, esizakhele igama ngokusiza iziboshwa ezisafunda, ophikweni lwejele iQalakabus­ha Secondary lapho ziba nezinkulum­o mpikiswano khona.

Uphinde ahlele umcimbi wezindondo zaminyaka yonke zosomateki­si iSouth African Taxi Industry Awards, ayibona iyindlela yokukhutha­za abakule mboni.

 ??  ?? KUNINGI okuhle akulungise­la umphakathi waseMpange­ni uNksz Lindiwe Dube ongusomabh­izinisi, ophinde abhekelele ezokukhang­isa nokuxhuman­a eSanlam Centre eMpangeni
KUNINGI okuhle akulungise­la umphakathi waseMpange­ni uNksz Lindiwe Dube ongusomabh­izinisi, ophinde abhekelele ezokukhang­isa nokuxhuman­a eSanlam Centre eMpangeni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa