Abesifazane bafundiswa ngezindlela zokuzivikela
UKUFUNDISWA ngezindlela zokuzivikela kungasiza abesifazane ukubhekana nezigameko zokuhlukunyezwa nokuhlaselwa kwabo.
Lona umyalezo we-Albany Street Smart Squad, okuwumkhankaso ohambisana nokubhekelela impilo kwabesifazane.
Lo mkhankaso obuye ukhuthaze ukuzinakekela komzimba nezempilo, nonyaka ugxile ekutheni abesifazane bafundiswe ngokuzivikela.
U-DJ Zinhle ubengomunye wamanxusa alo mkhankaso obuwenzelwe e-Orchards Estate, eThekwini, muva nje.
Abasunguli balo mkhankaso bathi izibalo zakamuva zokuhlukunyezwa kwabesifazane yizona ezenze ukuthi bagxile ekubafundiseni ngokuzivikela. U-DJ Zinhle uhlanganyele nabanye abesifazane abatonyulwe kuFacebook kulo mkhankaso. Bafundiswe kabanzi ngabe-Elite Defence Academy ngezindlela zokuzivikela, ezingasiza uma kwenzeka behlaselwa. Banikezwe namathiphu okugwema izindawo ezingenza bahlaseleke kalula nezimpawu zokubona uma kunobungozi.
U-DJ Zinhle uthe ukujabulele ukuba yingxenye yalo mkhankaso, afisa ufinyelele kubo bonke abesifazane.
“Abesifazane kumele bafundiswe ukuthi bazinakekele kanjani. Ngifisa sengathi bonke bangaqeqeshwa ukuze bakwazi ukuzivikela,” kusho yena.
Eminye imikhankaso eyenziwa ngaphansi kwe-Albany Street Smart Squad kubalwa ukukhuthaza ukuzivocavoca, ukwehlisa ukhwantalala nokudla ngendlela efanele.