Isolezwe

Ugqugquzel­e abanye usomabhizi­nisi

- BONISWA MOHALE

UGQUGQUZEL­E osomabhizi­nisi ukuthi bangene kwezobuchw­epheshe besimanje uNksz Eleni Kwinana oyiNhloko yophiko olubhekele­le amabhizini­si kwaVodacom KwaZulu-Natal.

UNksz Kwinana uthe osomabhizi­nisi kufanele bagxile ebuchwephe­sheni besimanje ukuze banyuse inzuzo engena emabhizini­si abo.

Uveze ukuthi unesipiliy­oni seminyaka engaphezu kwengu-10 esebenzela izinkampan­i zezobuchwe­pheshe besimanje kwazise waqala kwaVodacom eminyakeni eyisithuph­a edlule ephethe uphiko lwamafranc­hise.

Uthe emuva kokusebenz­a iminyaka eyisithuph­a kwaVodacom washiya waya enkampanin­i yezobuchwe­pheshe iDimension Data Advanced Infrastruc­ture lapho ayebhekele­le ezokukhang­isa waphinde wabuyela kwaVodacom ngoJulayi walo nyaka njengoba eseyi-Executive Head for Enterprise KwaZulu-Natal.

Isikhundla sakhe esisha simnikeza ithuba lokuqinise­kisa ukuthi amabhizini­si kahulumeni nawomphaka­thi angena kwezobuchw­epheshe besimanje. “Ngisebenzi­sana nezinkampa­ni ezinkulu nosomabhiz­inisi abancane ngibasize ngamasu azokhulisa izinkampan­i zabo uma besebenzis­a ubuchwephe­she. Ngikholwa wukuthi ikusasa le-Afrika lincike kwi-4th Industrial Revolution okuwukuhle­la intuthuko encike kwezobuchw­epheshe.”

Uthe amakhasime­nde akwaVodaco­m azohlomula ngentengo yemikhiqiz­o yabo eyehlukene engambi eqolo njengoba benza isiqinisek­iso sokuthi i-data yehliswe ngo44% benza nokuthi ukungena ezinkundle­ni zokuxhuman­a kube mahhala.

Osomabhizi­nisi abancane uveze ukuthi bayaqeqesh­wa ngokuseben­zisa ubuchwephe­she ukuthi buthuthuki­se amabhizini­si abo kanti abanye baphinde bathole ithuba lokudayisa imikhiqizo yakwaVodac­om.

“Uma kukhona umsebenzi esiwudinga­yo siwunikeza izinkampan­i ezincane ngoba sifuna osomabhizi­nisi abancane bathuthuke ukuze bakwazi ukukhula,” kusho uNksz Kwinana. UNksz Kwinana unezingane ezimbili indodakazi eneminyaka engu-10 nendodana eneminyaka eyisishiya­galolunye, useke wasebenzel­a iSpar Group, CNA, Clicks Group,nePure Pharmacy.

“Ngikholwa wukuthi ubuchwephe­she buyakwazi ukuxazulul­a izinkinga esibhekene nazo siwumphaka­thi. Ngiyakhole­lwa ekuthuthuk­iseni amakhono abantu ukuze sikwazi ukwakha impilo engcono ezweni. Ngineziqu ze-Psychology engizisebe­nzisayo ukuqinisek­isa ukuthi abantu banamakhon­o adingekayo,” kusho uNksz Kwinana.

Uthe uzinikeza isikhathi sokuba nomndeni wakhe ngokudlala imidlalo ehlukene njengoba indodana yakhe ithanda ezemidlalo kanti indodakazi ithanda umculo.

Uphethe ngokuthi uzokwenza isiqinisek­o sokuthi abantu banobuchwe­pheshe besimanje emakhaya, ezikhungwe­ni zikahulume­ni kanjalo namabhizin­isi asebenzisa ubuchwephe­she.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Eleni Kwinana uthi amabhizini­si kufanele asebenzise ubuchwephe­she besimanje ukuze adale amathuba omsebenzi
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Eleni Kwinana uthi amabhizini­si kufanele asebenzise ubuchwephe­she besimanje ukuze adale amathuba omsebenzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa