ISafpu izonikelela umndeni kaDlamini

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE

ISOUTH African Football Player’s Union (Safpu) izonikela ngo-R5 000 emndenini kaMlondi “Vicks” Dlamini odlule emhlabeni engozini yomgwaqo.

UDlamini (20) obegijima kwiMaritzburg United udlule emhlabeni ngeSonto ntambama kade ahamba nabangani bakhe ababili. UHappy Mashau oyibamba kwiRoyal Eagles edlala kwiNational First Division (NFD) nguyena obeshayela imoto ngesikhathi ephaphalaza.

Lo mdlali ubhekene necala lokubulala ngokungenhloso. UDlamini akazange ayiqale isizini ngenxa yokulimala. Ngesizini edlule uqokwe ohlwini lwabadlali abathathu abashaye into ecokeme kwiMultiChioce Diski Challenge.

Ngo-2015 waqokwa njengomdlali ovelele kwiKay Motsepe School Cup ngesikhathi imele iSukuma High School. UTebogo Monyai oyiphini likamengameli weSafpu, utshele Isolezwe ukuthi bazonikela ngesamba esithize semali emndenini kaDlamini.

“Sizonikela ngo-R5 000 emndenini kaMlondi. Yinto vele esihlale siyenza kubadlali abasuke bedlule emhlabeni. Kusishaqisile ukubona umfana onekhono njengoMlondi edlula emhlabeni. Ubengumfana omncane futhi isizwe besisabheke lukhulu kuyena,” kusho uMonyai.

UDlamini ubenyuselwe eqenjini elikhulu leTeam of Choice ekuqaleni kwesizini edlule. Inkonzo yesikhumbuzo sikaDlamini izobanjelwa e-AF Hall, eMgungundlovu, namuhla ngo-5.30 ntambama bese kuthi eyomngcwabo ibe seMpophomeni Community Hall ngo-9 ekuseni.

Sekuphenduke insakavukela ukudlula emhlabeni kwabadlali abanekhono eNingizimu Afrika. Phakathi kwabadlali asebeke badlula emhlabeni ngezingozi zemoto nguGift “Vum Vum” Leremi, Lesley “Slow Poison” Manyathela, Cecil Lolo, Richard Henyekane noMondli Cele. UCele naye ubegijima kwiTeam of Choice. Udlule emhlabeni ngonyaka odlule engozini yemoto ngemuva komdlalo wezakhe ne-Orlando Pirates.

Isithombe: BACKPAGEPIX

UMLONDI Dlamini obedlalela iMaritzburg United uzofihlwa ngempelasonto ngemuva kokudlula emhlabeni engozini yomgwaqo ngeSonto

UKULIMALA komgadli weLiverpool odabuka eSenegal, uSadio Mane, kungase kunike iBafana Bafana ithuba lokuwina imidlalo emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoyidlala neleli lizwe

Isithombe: BACKPAGEPIX

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.