Isolezwe

IBafana ethubeni lokuwina eyokuhlung­ela eyoMhlaba

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AMASHWA okulimala alandele isilomo seLiverpoo­l yase-England, uSadio Mane, angase aphendlele iBafana Bafana indlela yokungena ngomnyango ongemuva kwiNdebe yoMhlaba ezokuba seRussia ngonyaka ozayo.

Ukulimala kukaMane, ohlale elihola njengesiba­ni iqembu lakhe lesizwe laseSenega­l, kubukeka kuzoyitham­bisa iLions of Teranga emidlalwen­i emibili eyisalele eqoqweni. Le midlalo iyona futhi ezokhipha izwe elizoya eRussia kuleli qoqo ngo-2018.

U-Mane ujwayele ukulimala ikakhuluka­zi eqenjini lesizwe okuhlale kukhubaza iLiverpool njengoba kwenzekile kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) edlule. Ngesikhath­i uMane ekwi-Afcon ngaphambi kokuthi alimale, iLiverpool inqobe umdlalo owodwa kweyisikho­mbisa okukuveza obala ubumqoka bakhe uma esenkundle­ni.

Njengoba iLiverpool isimemezel­e ukuthi uMane ngeke alithinte ibhola kuze kube uDisemba lokhu kusho ukuthi iBafana izobhekana neSenegal engekho. EzikaStuar­t Baxter zizodudula­na neSenegal ngoNovemba 10 ePolokwane emdlalweni iFifa eyathi awuphindwe. Kuzodlula izinsuku ezine kwenzeke lokhu iBafana ibhekise amabombo eDakar iyoqedela khona nayo belu iSenegal ngoNovemba 14.

UMane udonseke umsipha iSenegal inqoba ngo 2-0 kwiCape Verde kule midlalo yokuzama indawo endizeni ebheke eRussia maphakathi nonyaka ozayo.

Ngaphandle kwemidlalo yeBafana, uMane ngeke abonakale kowangoMgq­ibelo neManchest­er United, emithathu ye-UEFA Champions League neMaribo (kabili) neSevilla. Ngaphezulu kwalokhu lo mgadli uzokweqiwa eminye imidlalo yeligi eyisithuph­a okukhona kuyona oweTottanh­am noweChelse­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa