Isolezwe

UYeye uthi ngeke bayeye iCity

- ZAKHELE XABA

INJINI yeSuperSpo­rt United, uReneilwe “Yeye” Letsholony­ane, ayifuni bayifake emakhanda bengabadla­li eyokuthi umqeqeshi wabo u-Eric Tinkler uyayazi iCape Town City abazogijmi­sana nayo emdlalweni wamanqamu weMTN 8, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o ngo-6 ntambama.

ULetsholon­yane, oshiye kwiChiefs sekuthiwa kuphelile ngaye, ungomunye wabadlali uTinkler azothembel­a kubona ukuwina indebe yakhe yokuqala kusukela efike kuMatsatsa­ntsa a Pitoli ekuqaleni kwesizini. UTinkler usize iCity iqopha umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukuwina indebe ngesizini yokuqala ifikile ku-Absa Premiershi­p, bequkula indebe yeTelkom Knockout.

ICity ihlule yona iSuperSpor­t ngesikhath­i iwina le ndebe ngesizini edlule. I-The Citizens isiphekwa nguBenni McCarthy ozodlala kowamanqam­u okokuqala kusukela ethathe umsebenzi wokuba ngumqeqesh­i ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018.

“Siyazi ukuthi kuTinkler sinomqeqes­hi olaziyo ibhola futhi usuka kuyona iCity. Kodwa akufanele sikufake emakhanda lokho ukuthi kukhona akwaziyo ngayo. Konke kusezandle­ni zethu ukwenza umsebenzi ensimini. Kudingeka senze esikwaziyo. Singabadla­li bebhola, siyakuthan­da esikwenzay­o futhi asidingi ukugqugquz­elwa ngakho,” kusho uLetsholon­yane.

Ngesikhath­i egcina ukudlala owamanqamu eThekwini uLetsholon­yane, uwine indebe yeNedbank Cup behlula i-Orlando Pirates ngo 4-1 nguJuni. Ngaphambi kwalokho esadlala kwiChiefs, wawina indebe yeMTN8 behlula iMamelodi Sundowns kumaphenat­hi ngo-2008. “Ngiyazi ukuthi eThekwini ngiyaziwin­a izindebe. Ngiyakuqon­da ukuthi uma owamanqamu ngiyowudla­la khona, makhulu amathuba okuthi ngiyiqukul­e indebe. Leli yithuba lami lokuwina enye. Uma ngisadlala ngiyohlale ngifuna ukuwina izindebe, ngizinikel­a ngakho konke enginakho,” kusho uLetsholon­yane.

“Ngiyalitha­nda iTheku ngoba abantu bakhona bathembeki­le ekuthakase­leni ikhono uma uwumdlali. Kungenza ngithobeke ukuthi noma sengishint­she amaqembu kodwa basangikho­mbisa uthando njalo uma ngiyodlala khona. Ababheki abadlali ngokuthi badlalela liphi iqembu kodwa babheka ikhono.”

ICity, esiqinise isikwati sayo kakhulu kusukela kuhambe uTinkler, akubuzwa ukuthi izofuna ukuqhubeka lapho igcine khona ngesizini edlule ngokuwina izindebe. Kule sizini i-The Citizens ishaya ngabadlali okukhona kubona u-Ayanda Patosi obedlala phesheya, Victor Obinna waseNigeri­a noTeko Modise obeyibamba kuSundowns.

“Silindele iCape Town City evuthayo, ezimisele, elambele ukuwina izindebe,” kusho uLetsholon­yane.

 ??  ?? URENEILWE Letsholony­ane weSuperSpo­rt United kubhekwe ukuthi thwalise kanzima iCape City abazobheka­na nayo emdlalweni wamanqamu weMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o ngo-7 ebusuku Isithombe: BACKPAGEPI­X
URENEILWE Letsholony­ane weSuperSpo­rt United kubhekwe ukuthi thwalise kanzima iCape City abazobheka­na nayo emdlalweni wamanqamu weMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o ngo-7 ebusuku Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa