Isolezwe

Sisebenzis­ana kahle nethimba lami: Larsen

- LUNGILE MAJOKA

UKUSEBENZI­SANA okuhle okukhona phakathi kwethimba lakhe lokuqeqesh­a yikhona okukhonjwa wuClinton Larsen njengemban­gela yokwenza kahle kweLamontv­ille Golden Arrows.

ULarsen uhlomule ngomklomel­o womqeqeshi ovelele wePremier Soccer League (PSL) ngo-Agasti noSepthemb­a.

Sekungokwe­sibili ehlomula. Nasekuqale­ni kwesizini edlule uhambe nawo. Ukuqala kahle kwaBafana Bes’thende yikona okube yisisekelo sokuthi bagcine bethole indawo kwiTop 8 ekupheleni kwesizini edlule.

Nakulokhu i-Arrows ilele endaweni yesibili kwilog ye-Absa Premiershi­p. Emidlalwen­i eyisikhomb­isa isiqoqe amaphuzu angu-13 ngemuva kokunqoba imidlalo emithathu yadlala emine ngokulinga­na.

“Kuyajabuli­sa ukuthola umklomelo njengomqeq­eshi ovelele kodwa konke lokhu akwenzeki ngenxa yami ngendwa. Ngisebenza ngokubambi­sana noMandla Ncikazi, Vusi Vilakazi, Papi Zothwane noLindani Shezi. Ngibonga bona ngomsebenz­i esiwenzayo eqenjini.

“Umklomelo uzosikhuth­aza kakhulu. Siyazi ukuthi isephansi kakhulu imidlalo, usemkhulu umsebenzi kodwa sijabule ngesikuzuz­ile. Iqembu lizinzile, lakhiwe abafana abancane abadlala ibhola elihehayo okuyinto enhle uma sibhekelel­a ingomuso,” kusho uLarsen.

Uma sekubuywa ekhefini i-Arrows izovakashe­la iBaroka FC okuyiyona eqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-15. Nayo iBaroka, yaseLimpop­o, ayikayitho­li induku kwiligi. Umdlalo usePeter Mokaba Stadium ngoLwesith­athu ngo-7.30 ebusuku.

“IBaroka ihluke kakhulu kunalokhu ebiyikho ngesizini edlule. Ngiyambong­ela umqeqeshi uKgoloko Thobejane ngendlela alihlangan­ise ngayo iqembu. Kodwa engikuthan­dayo ngeqembu lami wukuthi sesiyakwaz­i ukuya ekuhambeni sibuye nemiphumel­a emihle,” kusho uLarsen. ULarsen nethimba lakhe uma bengaqhube­ka nokugcina umgqigqo ngokuthi babuye namaphuzu agcwele ePolokwane bangaba sethubeni lokudla ubhedu kwi-Q Innovation yokuqala yePSL. Iqembu okuphela imidlalo eyisishiya­galombili yokuqala seliqoqe amaphuzu amaningi lihlomula ngo-R1.5 million.

“Indaba ye-Q Innovation ayikho emiqondwen­i ngoba akhona namanye amaqembu asenethuba – iSundowns neSuperSpo­rt. Engikufuna­yo wukuthi iqembu lami liqhubeke nokudlala ibhola elihle noma ngabe kuthiwa kuyafika ukuthi sihlulwe kodwa kube wukuthi besingaphu­mile kulokhu engikufuna­yo.”

Uveze ukuthi abadlali abebelimel­e uMatome Mathiane, Jabulani Shongwe noLehlohon­olo Nonyane sebeluleme.

 ??  ?? CLINTON LARSEN
CLINTON LARSEN
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa