Isolezwe

Uselinde iwindi oshikisha ibhentshi kwiPolokwa­ne City

- ZAKHELE XABA

UMGADLI wePolokwan­e City, uThobani Mncwango, uselinde ukuvulwa kwewindi lokusayini­sa abadlali langoJanuw­ari ukuzithuku­lula “emaketangw­eni” eRise And Shine.

UMncwango, waKwaNongo­ma, akakaze abonakale enkundleni kusuka kuqale isizini ka-2017/2018. Ekupheleni kwesizini edlule, bekunezind­aba zokuthi ufunwa yiKaizer Chiefs neBidvest Wits kodwa iRise And Shine yenqaba ukumdedela. Kuvele ukuthi iPolokwane ibikade ifuna avuselele inkontilek­a kodwa wenqaba. Kusuka kuqale isizini, iPolokwane isawine umdlalo owodwa kweyisikho­mbisa esayidlali­le.

UMncwango uthe uyabona ukuthi ufela ukwenqaba ukuvuselel­a inkontilel­a.

“Kukhona amaqembu abekade efuna ukungithen­ga kodwa iPolokwane yenqaba ngoba ifuna ngisayine inkontilek­a entsha. Angikuvuma­nga lokho. Ngiyajima neqembu kuze kube yimanje,” kusho uMncwango.

“Sengilinde kushaye uJanuwari ngisayine inkontilek­a yesibambis­o nelinye iqembu. Senganele ngendlela engiphathe­ke ngayo lapha. Ngibuye ngibe nalo ithemba ukuthi ngizodlali­swa ikakhuluka­zi njengoba izinto zingahambi kahle eqenjini.”

Kumasizini edlule iPolokwane yenze okufanayo kuCole Alexander, yamhlalisa ebhentshin­i emuva kokuthi enqabe ukuvuselel­a inkontilek­a, efunwa yiChiefs isaqeqeshw­a nguStuart Baxter. Ugcine ehambe mahhala wajoyina iSuperSpor­t United esayiniswa uyena uBaxter.

UVukile Mngqibisa, oseyibamba kuMaZulu, ugcine ehlukane nePolokwan­e kungasekuh­le emuva kokuthi enqabile ukusayina inkontilek­a entsha, efunwa yi-University of Pretoria. Ugcine esayine kuyona iTuks sekuphele inkontilek­a. IMaritzbur­g United yehlelwe okufanayo ngoPhilani Zulu osegijima kwiChiefs. Imdingisil­e ngoba enqaba ukuvuselel­a inkontilek­a, wagcina ehambe bhusende.

“Ngicabanga ukuthi bazovuma ukungidayi­sa ngoJanuwar­i ngoba akumnandi ukuthi umdlali ahambe mahhala. Uma kungenzeki lokho ngizohamba mahhala. Bayabona ukuthi kukhona engikuhlos­ile. Namanje akhona amaqembu afuna ukungisayi­nisa,” kusho uMncwango.

 ??  ?? THOBANI MNCWANGO
THOBANI MNCWANGO
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa