Akupheli ukuziphupha esedlala kwelePremiership

Isolezwe - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA

UMDLALI wasesiswini, weFree State Stars, uSinethemba Jantjie, akakalilahli ithemba lokudlalela iqembu elikhulu kwi-Absa Premiership. UJantjie kusabalale ukuthi ufunwa yizinkunzi kwiPremiership okuyiKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini edlule. Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane ufuna umdlali wasezinhlangothini azovala ngaye isikhala esivuleke ngokuhamba kukaKeagan Dolly maphakathi nesizini edlule. AmaBrazilians agcine esayinise uGeorge Lebese obegijima kwiChiefs. Kuvele ukuthi amaqembu amakhulu abalekiswe u-R5 million obufunwa yileli qembu ngoJantjie. Phezu kokuba iStars ingenzanga kahle ngesizini edlule kodwa uJantjie ubengomunye wabadlali abagqamile. Emasontweni edlule ushaye igoli elenze i-Ea Lla Koto yabuya namaphuzu agcwele ihlula iMaritzburg United ngo 1-0 emdlalweni wePremiership eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. “Indaba yami namaqembu abekade engifuna ibikade iphethwe yimenenja yami (uRatshibvumo Mulovhedzi). Okwamanje ngigxile ekusebenzeleni iStars yenze kahle kule sizini,” kusho uJantjie. “Ngiyethemba ukuthi ngisazodlala eqenjini elikhulu, liyeza elinye ithuba kodwa angifuni lokho kuphazamise umsebenzi ongihlalele kwiStars. Ngifisa kule sizini ukudlala imidlalo eminingi ngoba ngigaqele ukubizwa kwiBafana Bafana.” Nakuba uJantjie (28) enamaphupho amakhulu kodwa ukufika kwiPremiership sekuhambe iminyaka kungenzeka kumphazamise. Usemlandweni nabanye abadlali abathole ithuba lokudlala esigabeni esikhulu seliyoshona ilanga. Ukufika komqeqeshi omusha uLuc Eymael kubukeka kushintshe izinto kuleli qembu. “Siyayiqonda indlela umqeqeshi afuna sidlale ngayo. Sidla ngamabhola asheshayo uma sibheke phambili. Okubalulekile kithina wukuba sendaweni ephephelile ngokushesha, kungenzeki okwangesizinie edlule,” kusho uJantjie. Emdlalweni olandelayo wePremiership iStars izovakashelwa yi-Ajax Cape Town eGoble Park, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

Isithombe: BACKPAGEPIX

USINETHEMBA Janjtie weFree State Stars ubukeka esefomini enhle selokhu kuqale isizini ye-Absa Premiership

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.