Isolezwe

Bacela ukuvotelwa abagijimi baseMzansi

- LUNGILE MAJOKA

BASANXENXA abalandeli ukuba babavotele abasubathi baseNingiz­imu Afrika abashaye into ecokeme kulo nyaka baqokelwa emunxeni we-IAAF World Athlete of the Year.

ULuvo Manyonga ongumpetha womhlaba kwi-long jump, ukhumbuze abalandeli ekhasini lakhe le-twitter ukuthi baqhubeke nokumvotel­a ngaphambi kokuthi kushaye usuku lomnqamula­juqu, u-Okthoba 16. Umcimbi uzokuba seMonaco ngoNovemba 24.

“Ngiyacela niqhubeke nokuvota sezincane izinsuku ezisele,” kubhala uManyonga ku-@ lvjumper7.

Ukufaka ivoti kudinga ukungena ekhasini le-twitter le-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation­s (IAAF) ku-@iaaforg bese uciphaza u-retweet lapho ubona isithombe sikaManyon­ga. Enye indlela elula wukungena ekhasini lakhe bese wenza okufanayo.

UManyonga ubuye negolide kwi-IAAF World Championsh­ip. Ibanga lika-8.65m aligxuma kuma-SA Champs ngo-Ephreli yilona elide eselike lagxunywa eminyakeni eyishumi. Uphethe isicoco salo nyaka se-long jump kwi-IAAF Diamond League.

Nabanye ozakwabo ungabavote­la ngokwenza okufanayo ku-@iaaforg noma emakhasini abo. Umpetha womhlaba ku-800m uCaster Semenya osemunxeni wabesifaza­ne, uzibiza ngo-@ Caster800m.

USemenya uqhubekile nokungahlu­lwa emijahweni ayigijimil­e kuleli banga. Uhlomule ngegolide kumaWorld Championsh­ip eLondon ngo-Agasti. Uphinde wadla umhlangani­so kwi-Diamond League okwesibili iminyaka ilandelana. Lo mgijimi waseLimpop­o ukhombise ithalente eliyisiman­ga etholela iNingizimu Afrika indondo yethusi ku-1500m eLondon.

UWayde van Niekerk uvikele ngempumele­lo isicoco somhlaba sika-400m kumaWorld Championsh­ip. Ubuye wahlabana ngesiliva ku-200m.

Amavoti abazowatho­la ezinkundle­ni zokuxhuman­a azobala u-25% kuthi u-50% utholakale kwisigungu se-IAAF, omunye u-25% uqhamuke kumalungu e-IAAF.

UHestrie Cloete nguyena kuphela umdlali waseNingiz­imu Afrika oke wanqoba lo mklomelo we-IAAF ngo-2003. UCloete owayedlala i-high jump wanqobela elakuleli amagolide amabili kumaWorld Champs namasiliva kumaOlympi­c.

 ??  ?? UMDLALI wasophondw­eni weCell C Sharks, u-Odwa Ndungane, uzowabeka emgibeni amakhokho akhe ngemuva kwiCurrie Cup ka-2017 Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMDLALI wasophondw­eni weCell C Sharks, u-Odwa Ndungane, uzowabeka emgibeni amakhokho akhe ngemuva kwiCurrie Cup ka-2017 Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? CASTER SEMENYA
CASTER SEMENYA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa