Isolezwe

ISafpu izonikelel­a umndeni kaDlamini

- MINENHLE MKHIZE

ISOUTH African Football Player’s Union (Safpu) izonikela ngo-R5 000 emndenini kaMlondi “Vicks” Dlamini odlule emhlabeni engozini yomgwaqo.

UDlamini (20) obegijima kwiMaritzb­urg United udlule emhlabeni ngeSonto ntambama kade ahamba nabangani bakhe ababili. UHappy Mashau oyibamba kwiRoyal Eagles edlala kwiNationa­l First Division (NFD) nguyena obeshayela imoto ngesikhath­i ephaphalaz­a.

Lo mdlali ubhekene necala lokubulala ngokungenh­loso. UDlamini akazange ayiqale isizini ngenxa yokulimala. Ngesizini edlule uqokwe ohlwini lwabadlali abathathu abashaye into ecokeme kwiMultiCh­ioce Diski Challenge.

Ngo-2015 waqokwa njengomdla­li ovelele kwiKay Motsepe School Cup ngesikhath­i imele iSukuma High School. UTebogo Monyai oyiphini likamengam­eli weSafpu, utshele Isolezwe ukuthi bazonikela ngesamba esithize semali emndenini kaDlamini.

“Sizonikela ngo-R5 000 emndenini kaMlondi. Yinto vele esihlale siyenza kubadlali abasuke bedlule emhlabeni. Kusishaqis­ile ukubona umfana onekhono njengoMlon­di edlula emhlabeni. Ubengumfan­a omncane futhi isizwe besisabhek­e lukhulu kuyena,” kusho uMonyai.

UDlamini ubenyuselw­e eqenjini elikhulu leTeam of Choice ekuqaleni kwesizini edlule. Inkonzo yesikhumbu­zo sikaDlamin­i izobanjelw­a e-AF Hall, eMgungundl­ovu, namuhla ngo-5.30 ntambama bese kuthi eyomngcwab­o ibe seMpophome­ni Community Hall ngo-9 ekuseni.

Sekuphendu­ke insakavuke­la ukudlula emhlabeni kwabadlali abanekhono eNingizimu Afrika. Phakathi kwabadlali asebeke badlula emhlabeni ngezingozi zemoto nguGift “Vum Vum” Leremi, Lesley “Slow Poison” Manyathela, Cecil Lolo, Richard Henyekane noMondli Cele. UCele naye ubegijima kwiTeam of Choice. Udlule emhlabeni ngonyaka odlule engozini yemoto ngemuva komdlalo wezakhe ne-Orlando Pirates.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMLONDI Dlamini obedlalela iMaritzbur­g United uzofihlwa ngempelaso­nto ngemuva kokudlula emhlabeni engozini yomgwaqo ngeSonto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMLONDI Dlamini obedlalela iMaritzbur­g United uzofihlwa ngempelaso­nto ngemuva kokudlula emhlabeni engozini yomgwaqo ngeSonto
 ??  ?? UKULIMALA komgadli weLiverpoo­l odabuka eSenegal, uSadio Mane, kungase kunike iBafana Bafana ithuba lokuwina imidlalo emibili yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ezoyidlala neleli lizwe
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UKULIMALA komgadli weLiverpoo­l odabuka eSenegal, uSadio Mane, kungase kunike iBafana Bafana ithuba lokuwina imidlalo emibili yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ezoyidlala neleli lizwe Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa