Isolezwe

Akayizwa eyokubuyel­a kwiChiefs uMusona

- MINENHLE MKHIZE

AKAYIZWA eyokubuyel­a kwiKaizer Chiefs uKnowledge Musona (osesithomb­eni) ogijima kwiKV Oostende yaseBelgiu­m.

Ngesonto eledlule kusabalale izindaba zokuthi uMusona kungenzeka athushuke kwiChiefs uma sekuvulwa iwindi lokudayise­lana ngabadlali ngoJanuwar­i.

Lo mgadli uzakhele igama kwiChiefs ngaphambi kokuyodlal­a phesheya kwezilwand­le. UMike Makaab weProSport Internatio­nal okuyinkamp­ani ephethe izindaba zikaMusona, uyichithil­e indaba yokubuyela kwalo mgadli kuMakhosi.

“Angazi ukuthi iqhamuka kuphi indaba kaMusona neChiefs. UMusona weneme kwi-Oostende. EBelgium ungomunye wabadlali abanonhlon­ze. Phezu kwalokho usanda kuvuselela inkontilek­a yakhe kuleli qembu. Njengamanj­e uMusona ubheke ukusuka eqenjini lakhe uma ezoya kodlala kwiligi engcono. Iligi yaseNingiz­imu Afrika ngiyayihlo­nipha kodwa ngicabanga ukuthi uma engabuyela kuyona kungafana nokuthi uyahlehla. IChiefs ayikaze isho lutho kithina ngoMusona,” kusho uMakaab.

IChiefs ithungatha umgadli ongalibhek­i ipali. Njengamanj­e leli qembu libophele abagadli abathathu eqenjini. Libophele uBernard Parker, Gustavo Paez noRyan Moon. Ekuqaleni kwesizini iChiefs ichithe u-Edward Manqele, Siphelele “Shaka Zulu” Mthembu, Michelle Katsvairo noLewis Macha.

Leli qembu selizame inqwaba yabagadli kodwa kungahambi kahle. Amakhosi ake ahlola uJonatan Phillipe wase-Argentina, Okiki Afolaba waseNigeri­a, uJulien Ebah noChrist Mbondi bobabili abadabuka eCameroon. Bonke laba badlali bahlulekil­e ukuthola izinkontil­eka kuMakhosi.

UPaez uzihola phambili ngokuhlohl­wa kwamagoli kwiChiefs. Useqhulule amagoli amathathu emidlalwen­i eyisikhomb­isa. IChiefs isishaye amagoli ayisishiya­ngalombili emidlalwen­i eyisikhomb­isa yeligi kule sizini. Ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali iChiefs ike yamatanisw­a nomgadli weMamelodi Sundowns uLeonard Castro.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa