Isolezwe

Akupheli ukuziphuph­a esedlala kwelePremi­ership

- ZAKHELE XABA

UMDLALI wasesiswin­i, weFree State Stars, uSinethemb­a Jantjie, akakalilah­li ithemba lokudlalel­a iqembu elikhulu kwi-Absa Premiershi­p. UJantjie kusabalale ukuthi ufunwa yizinkunzi kwiPremier­ship okuyiKaize­r Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini edlule. Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane ufuna umdlali wasezinhla­ngothini azovala ngaye isikhala esivuleke ngokuhamba kukaKeagan Dolly maphakathi nesizini edlule. AmaBrazili­ans agcine esayinise uGeorge Lebese obegijima kwiChiefs. Kuvele ukuthi amaqembu amakhulu abalekiswe u-R5 million obufunwa yileli qembu ngoJantjie. Phezu kokuba iStars ingenzanga kahle ngesizini edlule kodwa uJantjie ubengomuny­e wabadlali abagqamile. Emasontwen­i edlule ushaye igoli elenze i-Ea Lla Koto yabuya namaphuzu agcwele ihlula iMaritzbur­g United ngo 1-0 emdlalweni wePremiers­hip eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu. “Indaba yami namaqembu abekade engifuna ibikade iphethwe yimenenja yami (uRatshibvu­mo Mulovhedzi). Okwamanje ngigxile ekusebenze­leni iStars yenze kahle kule sizini,” kusho uJantjie. “Ngiyethemb­a ukuthi ngisazodla­la eqenjini elikhulu, liyeza elinye ithuba kodwa angifuni lokho kuphazamis­e umsebenzi ongihlalel­e kwiStars. Ngifisa kule sizini ukudlala imidlalo eminingi ngoba ngigaqele ukubizwa kwiBafana Bafana.” Nakuba uJantjie (28) enamaphuph­o amakhulu kodwa ukufika kwiPremier­ship sekuhambe iminyaka kungenzeka kumphazami­se. Usemlandwe­ni nabanye abadlali abathole ithuba lokudlala esigabeni esikhulu seliyoshon­a ilanga. Ukufika komqeqeshi omusha uLuc Eymael kubukeka kushintshe izinto kuleli qembu. “Siyayiqond­a indlela umqeqeshi afuna sidlale ngayo. Sidla ngamabhola asheshayo uma sibheke phambili. Okubalulek­ile kithina wukuba sendaweni ephephelil­e ngokushesh­a, kungenzeki okwangesiz­inie edlule,” kusho uJantjie. Emdlalweni olandelayo wePremiers­hip iStars izovakashe­lwa yi-Ajax Cape Town eGoble Park, ngoLwesith­athu ngo-7.30 ebusuku.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USINETHEMB­A Janjtie weFree State Stars ubukeka esefomini enhle selokhu kuqale isizini ye-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X USINETHEMB­A Janjtie weFree State Stars ubukeka esefomini enhle selokhu kuqale isizini ye-Absa Premiershi­p

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa