Isolezwe

Isinxephez­elo kubagibeli bezitimela eKZN

- PHILI MJOLI noBONISWA MOHALE

ABAGIBELI bezitimela KwaZulu-Natal bazonxezes­helwa ngokuthi kwelulwe isikhathi sokusebenz­a kwamathiki­thi abo ngesonto.

Imizila yezitimela kulesi sifundazwe isalokhu ivaliwe ngemuva kwezikhukh­ula zangoLwesi­bili kodwa abaphathi benkampani yezitimela bathi uma seyivuliwe, amathikith­i azobe esedlulelw­e yisikhathi azosetshen­ziswa.

Awenyanga nawesonto azokwengez­elwa isikhathi ngelinye isonto. UNkk Isabel Westhuizen okhulumela iPrasa Metrorail KwaZulu-Natal uthe onjiniyela babo basabuyise­la konke okugudluke ngesikhath­i kunezikhuk­hula.

“Kuningi okonakele kojantshi, kwezinye izindawo bagudlukil­e kwezinye bagcwele imfucuza kukhona nezimoto ezigugulek­e kwezinye izindawo zaphonseka kojantshi.

Amabhuloho amanye awile nezinye iziteshi zikagesi zingenwe ngamanzi. Konke lokhu ngeke sikwazi ukukulungi­sa ngesikhath­i esifushane. Siyakuqond­a ukuthi kunabantu abahamba ngesitimel­a zonke izinsuku kodwa kudingeka ukuthi sibe nesiqinise­ko sokuthi kuphephile ngaphambi kokuthi siyivule imizila. Abagibeli sizobazisa uma isimo sesilungis­iwe,” kusho yena.

Uqhube wathi basabheka ukuthi kungenzeka yini ukuthi kuvulwe imizila ethile kuqala eminye ilandele. Okwamanje uthe akakazi ukuthi umonakalo owenzekile ungabiza malini ngoba kusacwanin­gwa.

Khona manjalo, elayizolo lishone esesebenza amachweba aKwaZulu-Natal emuva kokuvalwa ngoLwesibi­li nangoLwesi­thathu.

UNkk Shulami Qalinge oyisikhulu esiphezulu KwaTransne­t Port Terminals uthe seliyasebe­nza ichweba laseThekwi­ni.

Uthe ucwaningo lwabo luveze ukuthi sekuphephi­le ukusebenza kwemikhumb­i futhi bazisusile nezinto ebeziphaza­misa ukuhamba kwemikhumb­i.

Inkampani ekhiqiza izimoto iToyota, eseProspec­ton, eThekwini ithi isahlola umonakalo emuva kokuphazam­iseka kokusebenz­a ngoLwesibi­li, uLwesithat­hu nayizolo kwazise imvula ilimaze imishini nezimoto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa