Izinyunyana zifuna kuliwe nokuhlaselwa kwabasebenzi
IZINYUNYANA zabasebenzi bezempilo zifuna kuqiniswe izinhlelo zokulwa nokuhlaselwa kwabasebenzi bezimo eziphuthumayo besemsebenzini.
UMnuz Noel Desfontaines, wenyunyana yabasebenzi bezempilo iHealth and Other Service Personnel Trade Union of South Africa (Hospersa), uthe bafuna ukubona uhulumeni engenelela ekugwemeni izigameko zokuhlaselwa kwabasebenzi bezimo eziphuthumayo.
Lokhu kulandela isigameko sakamuva sokuhlaselwa kwabasebenzi bezimo eziphuthumayo ababanjwe inkunzi eGauteng.
Uthe laba basebenzi bebehambisa isiguli ngehora lesibili ngoLwesibili ekuseni ngesikhathi bevinjwa abalisa ababili abebehlome ngezibhamu babaphoqa ukuthi bamise i-ambulensi bebaphuca izikhwama zemali namaselula.
Lesi sigameko senzeka nje ziningi ezinye ebezibikwe kwezinye izifundazwe okubalwa kuzo iKwaZulu-Natal.
UDesfontaines ukugxekile ukuhlaselwa kwabasebenzi bezimo eziphuthumayo, wagxeka nohulumeni ngokungakusukumeli ukunqanda lezi zigameko.
“Ziningi ezinye izigameko ezibikiwe ezifundazweni ezahlukene okubalwa kuzo iKZN, Free State naseLimpopo kusuka kuqale unyaka.Sesinxuse ukuthi uhulumeni kuzwelonke ungenelele ukubhekana nokwanda kwalezi zigameko,” kusho Desfontaines.
UMnuz Claude Naicker, wenyunyana yabasebenzi bezempilo iPublic Service Association, KwaZulu-Natal uthe bakhathazekile ngokuqhubeka kwezigameko zokuhlaselwa kwabasebenzi bezimo eziphuthumayo.
Uthe elinye lamalungu abo lihleli ekhaya kumanje ngenxa yokuhlaselwa kwesinye sesigameko athe senzeke nonyaka eMariannhill.
“Okubi ukuthi akubukeki sengathi kukhona ababoshwayo ngezigameko zokuhlaselwa kwabasebenzi. Esikujabulelayo osekwenzekile ukuthi amaambulensi asefakelwe amabhathini angacishizwa abasebenzi uma bezithola besenkingeni noma besengozini. Lokhu kuzosiza ngoba vele okufunekayo ukuthi kwenziwe izinto zokuthi zigwenywe lezi zigameko zingakenzeki,” kusho uNaicker.
Uthe sekunesigungu esisunguliwe esihlanganisa iziphathimandla zoMnyango wezeMpilo nabamele abasebenzi esizobheka izinkinga ezihaqe umkhakha wezimo eziphuthumayo.
Uthe bazoqinisekisa ukuthi ukuphepha kwabasebenzi kuba seqhulwini lwezingxoxo. UNaicker uthe okwenziwe akwenele ngoba babecele ukuthi abasebenzi baphelezelwe ngamaphoyisa uma beya ezindaweni eziyingozi. Uthe abakuboni kunganzima ukuthi kwenziwe lokhu.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke, uMnuz Joe Maila, uthe kuyabakhathaza ukuhlaselwa kwabezimo eziphuthumayo,
“Lezi zigameko sizithatha njengobugebengu. Sinxusa abantu ukuthi abike ngakwaziyo ukuze kuboshwe abathintekayo. Ukuhlaselwa kwabezimo eziphuthumayo kungukuhlasela iziguli. Siyazigxeka izigameko zokuhlaselwa kwabo. Sizoqhubeka nokusebenzisana neziphathinamandla ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi siqhamuka nezindlela zokuzigwema,” kusho uMaila.