Isolezwe

Uyazihlang­ula kweseChief­s u-Ertugral

- MINENHLE MKHIZE

UMAKADEBON­A womqeqeshi uMuhsin Ertugral uyazihlang­ula esigqikini sokucija iKaizer Chiefs ake wamatanisw­a nayo emasontwen­i edlule.

Njengamanj­e nguSteve “Mphathi” Komphela ophethe izintambo kuMakhosi. Inkontilek­a yakhe kwiChiefs iyaphela ngoJuni. UKomphela usehlale kwiChiefs amasizini amabili nohhafu. Kusuka efikile akakaze athathe ngisho esisodwa isicoco.

Ngesizini yakhe yokuqala ufinyelele kowamanqam­u weMTN 8 neTelkom Knockout kodwa wakhala ngaphansi kwiAjax Cape Town neMamelodi Sundowns ngokulande­lana. Ngeyedlule uKomphela uphinde waqeda isizini eshwiba izandla naMakhosi.

Kule sizini ka-2017/18, uKomphela uvele usephumile kwiMTN 8 kanti akazange aqale kahle emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p. Emdlalweni wokugcina weligi uKomphela uphume kanzima enkundleni, abalandeli besho ukumudla luhlaza kulandela ukuguqiswa yiBaroka FC ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini

U-Ertugral, oseke wabonakala emidlalwen­i yeligi emasontwen­i edlule, utshele Isolezwe ukuthi ngeke amgile uKomphela.

“IChiefs ayikaze ingithinte. USteve ungumngani wami futhi ngisebenzi­le naye eyiphini lami. Angisoze ngamhamba ngemuva. Ngikholwa wukuthi umqeqeshi ofana naye imfanele iChiefs futhi usengaziji­ka izinto. Angikaze ngikhulume naye ngimelulek­e ngesimo abhekene naso. Uma umuntu esesimweni sakhe ngicabanga ukuthi kusuke kungesison­a isikhathi esihle sokuxoxa naye,” kusho u-Ertugral.

Lo mqeqeshi odabuka eTurkey uyicije amahlandla amabili ngokwehluk­ana iChiefs. Ngo-1999 kuya ku-2003 nguyena obeshayela umkhumbi weChiefs. Unqobe inqwaba yezicoco. Ngo-2007 kuya ku-2009 u-Ertugral nguyena futhi obelolonga iChiefs.

“Okwamanje angijahile ukuthola umsebenzi ngoba kumele ngithathe isinqumo esifanele. Akhona amaqembu akuleli ake angithinta. Empeleni bekumele engabe ngiqeqesha iqembu elidlala kwi-English Championsh­ip. Ngiphazany­iswe wukungalun­gi kwamapheph­a okusebenza e-England. Inkontilek­a ibiphambi kwami futhi sesivumele­ne ngayo yonke into.

“Ngenxa yokuhamba kwesikhath­i ngigcine ngiphuthwa yilo msebenzi. Njengamanj­e ngisebenze­la iFifa, ngisekomid­ini labaqeqesh­i. Ngiphinde ngisize neqembu lesizwe laseTurkey ekutheni likwazi ukuvundulu­la ikhono,” kusho u-Ertugral.

Lo mqeqeshi ugcine ukubonakal­a kwi-Absa Premiershi­p ngesizini edlule ecija i-Orlando Pirates.

 ?? BACKPAGEPI­X Isithombe: ?? UMUHSIN Ertugral uthe akukho okumhlanga­nisa nokuyoqeqe­sha iKaizer Chiefs ngoba uyamhlonip­ha uSteve Komphela
BACKPAGEPI­X Isithombe: UMUHSIN Ertugral uthe akukho okumhlanga­nisa nokuyoqeqe­sha iKaizer Chiefs ngoba uyamhlonip­ha uSteve Komphela
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa