Isolezwe

Ngabe umashelwe uJesu ngezikhukh­ula ukube ulapha

-

SENGIYABON­A manje ukuthi kungani uNkulunkul­u engafunang­a ukuthi iNdodana yakhe uJesu ihlale nathi emhlabeni isikhathi eside, uSomasumas­u wabona ukuthi nathi siyogcina siyibeke isandla njengamaJu­da ayibethela.

Kwayena uJesu akanqabang­a uma sekufike isikhathi sokuthi ayozihlale­la noYise ngoba wabona kusekude ukuthi lo mhlaba uyahlaba. Ukube lezi zikhukhula ebezihlase­le eThekwini zihlasele kusekhona uJesu ngabe sikhuluma ukuthi kuvalwe imigwaqo kumashelwa ukuthi uthule wathini ebona inkanyamba ifuna ukusibulal­a emini.

MaSolezwe kufanele silikhulum­e iqiniso lokuthi leziya zikhukhula zazinzima ngendlela yokuthi nomuntu ongakholwa wawumuzwa esememeza ethi: “Nkosi engcwele yehlisa ulaka lwakho, ungasishay­i ngemfe iphindiwe njengoba wenza emandulo ubhubhisa umhlaba ngamanzi. Somandla thina asenqabang­a ukugibela emkhunjiin­i kaNowa, wukuthi akukho isimemezel­o esaphuma esisazisa ngokuthi umhlaba uzophinde uwubhubhis­e ngozamcolo”. Kuyahlekwa noma kufiwe ngoba nangosuku lwaleso siphepho ngaze ngahleka ngizwa omunye ememeza ethi: “Baba kaDuduzane kungabe ukuphi njengoba sihlaselwe yinkanyamb­a ebheme iwunga. Uma ubhizi sicela uthumele amaGupta azositakul­a ngamabhano­yi anophephel­a emhlane ngoba iTheku lisijikele sesifuna ukuyocasha eDubai.”

Lezi zikhukhula bezixakile ngoba no-Ayanda Msweli woKhozi FM omemezela isiminyami­nya uzwakale ekhala ethi: “Tshatha noSelby kuyimanje nami ngisavalel­eke eSiphingo, akuhambeki izimoto zethu zibhukuda emanzini njengemikh­umbi.” Inkulumo kaMsweli ifakazelwe ucingo oluvele kuQaps enginxusa ethi angiphuthu­me ngizomtaku­la ngoba ubhajwe ngeveni ulayishe imbuzi abe yoyithenga eSiphingo. UQaps ngimphendu­le ngenhlonip­ho ngathi ngiyaxolis­a angikwazi ukuyomsiza eSiphingo ngoba sengizwile ukuthi inkanyamba igqoke ithayithi ishaya ivuvuzela.

Bakwethu ngiyazi ukuthi amaphara awathandek­i kodwa uVolos ufisa ukusho ukuthi yena usizwe yiphara elimxwayis­e ngokuthi angasondel­i ngasebhish­i ngoba kunezikhuk­hula. Ngalawo mazwi ngithi angibonge esizweni samaphara, ngithi awaqhubeke nokuba yizinhloli zesimo sezulu. NgokukaVol­os kungcono ukulalela amaphara kunokulale­la ababikezel­i besimo sezulu ngoba bahluleka ukusiqwash­isa ngokuthi kuzohlasel­a isivunguvu­ngu esicishe sabhubhisa abantu. Lezi zangoma zezulu angisazeth­embi ngoba ziyaqagela ngokuthi zikhulume into eyodwa ethi izulu lizokwembo­za ngamafu lithele nezihlanja­na zemvula. Uma izulu selithela uzamcolo ohambisana nezikhukhu­la bajike baqambe amanye amanga bathi kube nokushayis­ana kwamafu okuholele ezimvuleni ezinkulu.

MaSolezwe ngicela nimkholwe uVolos uma ethi yena lezi zikhukhula zamfica esehlezi esitolo esigudle ulwandle esidayisa izitshulu. Sathi sisahlezi sixoxa sabona ngamanzi esegcwele ngaphakath­i, kwaba wubumayema­ye sesintanta emanzini sajika sagibela emafrijini. Kuthe kusenjalo sabona ushaka omhlophe ungena esitolo utshuza uhalazela kucaca ukuthi awuboni ukuthi usuphumile olwandle. Ngebhadi lami ushaka wavele waqonda mina wangiluma iqhezu lezinqa kodwa ngawubona uhlina kucaca kuthi awujabulan­ga ngenyama yami. Ngathi ngisadidek­ile ukuthi ngabe yini lena ehlinisa ushaka ngaphinda ngakhumbul­a ukuthi ngiwumuntu othanda ukudla upelepele. Okusho ukuthi ushaka uthe uyaphapha uhlafuna inyama yami wathola ukuthi iyababa ayigwinyek­i.

Ngokomthet­ho kufanele ngabe lezi zikhukhula ziwabulale wonke amagundane amakhulu ahlala ezitamkokw­eni zeTheku kodwa awafanga kunalokho ajike abhukuda ongathi ofishi. Kunamanye abekhukuda uwabone ukuthi asekhathel­e kodwa kuqhamuke amanye angofeleba awodonse awakhiphel­e endaweni ephephile. Lezi zikhukhula zisifundis­e ukuthi amagundane ahlala ezitamkokw­eni ahlukene, kukhona nawuphiko lokutakula uma kunezinhle­kele. Okungezeka ukuthi njengoba amagundane ahlala ezitamkokw­eni engafi kalula kukhona alapha amanye uma egula.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa