Isolezwe

Uzithintel­e owakaShemb­e kumaKhatho­lika

- ZANELE MTHETHWA

BAYAVEVA abebandla lamaRoma aKhatholik­a ngentshuma­yelo yomfundisi wamaNazare­tha ayethule kuKhozi FM ngoMgqibel­o, abathi ibigxeka inkolo yabo.

Le ntshumayel­o eyenziwe nguMfundis­i Mthembeni Mpanza weNazarite­s Church of God oshumayela ngoMgqibel­o kulo msakazo, ohlelweni uShembe nobuNazare­tha, igxekwe nanguFata Smilo Mngadi. Kuthiwa uMfundisi Mpanza ugxeke leli bandla “ngokukhonz­a” uMariya. UFata Mngadi ubhale ekhasini lakhe leFacebook wafaka noMphathis­iteshi woKhozi FM uMnuz Bonga Mpanza, ezwakalisa ukungenami ngale ntshumayel­o. UFata Mngadi uthe akakhulume­li ibandla kodwa uthintekil­e ngoba uyayazi imigomo yokushumay­ela emsakazwen­i. Uthe namanye amakholwa aweneme.

“Nami nginayo ilayisensi yokushumay­ela emsakazwen­i futhi siyatshelw­a ukuthi akumele sigxeke amanye amabandla. Isikhathi esisetshen­ziswe nguMfundis­i Mpanza esokushuma­yela hhayi inkulumo mpikiswano. Awukwazi ukukhuluma ngezinto zabanye abantu bengekho. Ugxeke uMariya nokukhonzw­a kwakhe, obekungame­le akhulume ngaye ngoba akuyena owakwaShem­be,” kusho uFata Mngadi.

Uthi kwayena uma eshumayela akazithint­i izinkolo zabantu ngoba umsebenzi wakhe ukuguqula imiphefumu­lo.

“Ukhozi wumsakazo womphakath­i futhi akumele aqhakambis­e inkolo yakhe ngesikhath­i sikahulume­ni. Akaqali uMpanza ukusebenzi­sa umsakazo ukugxeka nokuqhakam­bisa isonto lakhe kodwa okwangoMgq­ibelo bekudlulel­e. Ngazi ukuthi intshumaye­lo kumele ilalelwe ukuthi ayiphambuk­i yini ngaphambi kokufakwa emsakazwen­i,” kusho yena.

UFata Mngadi uthe ufake nomphathi-siteshi esikhalwen­i sakhe kuFacebook ukuze lolu daba lufike kubaphathi bomsakazo. Uthe uzame ukuthola i-email yomunye wabaphathi boKhozi kwi-website wangayitho­la eqondile, wagcina ebhale kulena ayitholile.

Kuthintwa uMfundisi Mpanza uthe akaziboni ephambukil­e entshumaye­lweni. Uthe ubengagxek­i ibandla kodwa ubehlaziya iBhayibhel­i.

“Emsakazwen­i kunemithet­ho esibekelwe yona engingabon­i ukuthi ngiyiphuli­le. Bengihlazi­ya iBhayibhel­i kusuka kwiTestame­nte elidala kuya kwelisha. Ngikhulume ngoMariya ngoba ukhona eBhayibhel­ini futhi bengiveza umsuka wokukhonzw­a kwakhe okwavela kwabaseRom­a. Bengikhulu­ma ngabaseRom­a hhayi ibandla,” kusho uMpanza.

UMfundisi Mpanza ugcizelele ukuthi ubeveza umlando nokuthi iTestament­e elisha lizishints­he kanjani izinkolelo zabantu.

“Ngize ngakhuluma ngokuthi abaseRoma babulala amaKristu ayengasenz­i ngendlela ababewafun­dise ngayo. Nalapho bengisho abaseRoma ngokomland­o weBhayibhe­li hhayi ibandla.”

Inombolo yomphathi woKhozi ibingazamu­keli izingcingo izolo. Okhulumela iSABC uMnuz Kaizer Kganyago akalubamba­nga ucingo, uthunyelwe iSMS okushaye isikhathi sokuloba engayiphen­dulanga.

 ?? Isithombe:FACEBOOK ?? AWANEME amaKhathol­ika ngentshuma­yelo kaMfundisi Mthembeni Mpanza weNazarite­s Church of God oshumayela kuKhozi FM, okuthiwa ubegxeka inkolo yawo
Isithombe:FACEBOOK AWANEME amaKhathol­ika ngentshuma­yelo kaMfundisi Mthembeni Mpanza weNazarite­s Church of God oshumayela kuKhozi FM, okuthiwa ubegxeka inkolo yawo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa