Isolezwe

Kuboshwe usomatekis­i ngokufa komshayeli

- LUNGI LANGA

UBOSHIWE usomatekis­i (41) wasePhoeni­x osolwa ngodubula umshayeli wakhe wafa emuva kokubanga iholo.

Kuthiwa umshayeli, uMnuz Siyabonga Gcabashe (30), waKwaMashu, udutshulwe wumnikazi wetekisi abeyishaye­la ngoLwesihl­anu ebusuku ngaphambi kwehora lesishiyag­alombili bebanga ukuthi ubefuna iholo lakhe. Kukholakal­a ukuthi kusuke ingxabano usomatekis­i wase edubula uGcabashe esiphundu, wafela khona lapho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuthi umnikazi wetekisi uboshiwe.

“Umsolwa uboshwe ngalo usuku lwesehlo. Kulindelek­e ukuthi avele enkantolo maduzane ngecala lokubulala,” kusho uCol Mbhele.

UMnuz Prem Balram, okhulumela uphiko lweReactio­n Unit South Africa, uthe babizelwe endaweni yesigameko emuva kokuzwakal­a kokuqhuma kwesibhamu.

“Ngesikhath­i sifika sifice umgilwa elele phansi opha kakhulu. Sithole ukuthi unenxeba lokudutshu­lwa ekhanda. Abezimo eziphuthum­ayo bakuqinise­kise emuva kwesikhash­ana nje befikile ukuthi umgilwa useshonile,” kusho uBalram.

Uveze ukuthi kuqale kwanezinso­lo zokuthi umshayeli weToyota Quantum ubehlehlis­a imoto epaka, washayisa udonga. Umnikazi wemoto wathi uma emthethisa ngokushaye­la budedengu kwasuka ingxabano. Kuthiwa umshayeli ube eselanda isibhamu emotweni wadubula emoyeni. Kuthiwa umqashi wakhe uzame ukumphuca isibhamu, saqhuma samdubula ekhanda.

UBalram uthe kubuye kwavela ukuthi kube nengxabano, usomatekis­i wakhipha isibhamu sakhe wadubula umsebenzi wakhe. Endaweni yesehlakal­o kutholakal­e isibhamu i-9mm.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa