Isolezwe

Bafuna ukubhala u-matric ngenkani

- MHLENGI SHANGASE

BAPHIHLIZE isikole bantshonts­ha nesisefo semali abafundi baseBongin­hlanhla High, eNtumbane, oPhongolo, abafuna ukubhala ngenkani zonke izifundo zakwa-matric bebe babekade beduduliwe ngoba befeyilile.

Othisha kuthiwa baphume ngesamagun­dane abafundi besho ukungqongq­isa amahhovisi abo ngemuva kokuphihli­za wonke amawindi emakilasin­i ngeledlule.

Abafundi baqala ukubhala u-matric nge-English kusasa.

Kwesinye sesikole esisendawe­ni, iMtshekula High, nakhona kuthiwa kwasuka izibhelu abafundi bacekela phansi amadeski nakhona kusoleka isizathu esifanayo naseBongin­hlanhla.

Ikhansela lakuwadi 6, uMnuz Petros Mavuso, lithe kucekelwe phansi yonke into eBonginhla­nhla lathi mkhulu umonakalo odalekile.

UMavuso uthe umsindo ususwe wukuthi abafundi bebefuna ukubhala zonke izifundo kodwa babekade betsheliwe ukuthi bazobhala ezimbalwa.

“Sibe nomhlangan­o nabazali ngoLwesihl­anu savumelana ukuthi kuqale ukufunda namhlanje. Sizobe sikhona siqaphe isimo kulezi zikole nokuthi kuyafundwa yini. Sivumelene nabazali ukuthi bakhokhe u-R50 ingane ngayinye ukuze kulungiswe umonakalo ongaphezul­u kuka-R17 000 wokulungis­a amawindi,” kusho uMavuso.

Kunohlelo lomnyango lokududula abafundi abasuke befeyile uGrade 11 baye kwamatric ngoba kungavumel­ekile ukuthi umfundi afeyile leli banga izikhawu eziningi.

Kwa-matric kuba nesivumelw­ano sokuthi uma kungukuthi imiphumela yakhe yangoMashi, Juni nangoSepth­emba ayithuthuk­i uzobhala izifundo ezimbalwa, ezinye azibhale ngonyaka ozayo okwaziwa nge-modulariza­tion. UMavuso uthe eMtshekula abafundi bakwaGrade 10 baqale umbhikisho ngesikhath­i abafundi baka-matric behlangane nothisha kanye nabazali ukudingida izinto ezithinta ukubhalwa kuka-matric. Uthe emhlanganw­eni abafundi bathe bafuna kuhambe uthishanhl­oko nonogada kodwa bangazibek­a izizathu. “Baphinde bathi bafuna ukugunda izitayela emakhanda. Nakhona kucekelwe impahla yesikole, kwabizwa amaphoyisa kodwa bawashaya ngamatshe,” kusho uMavuso. UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli weNatu, uthe amalungu abo aphume ngesamagun­dane ehlaselwa ngabafundi.

Uthe abafundi abaluqondi kahle lolu hlelo wathi baluchitha umnyango usaluhlong­oza.

“Luyababamb­ezela abafundi, lubazwisa ubuhlungu ngoba abakwazi ukushintsh­a babhale zonke izifundo uma bezibona ukuthi bazokwazi ukuphasa u-matric. Ngabe kungcono ukuthi umfundi uphinda uGrade 11 kunokuthi anambithis­iswe uGrade 12 ngoba usuke efana nomuntu ongawenzi lowo Grade 12. Ingane efunda u-matric ayivunyelw­e ibhale zonke izifundo,” kusho uThompson.

Okhulumela umnyango wezemfundo, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bayazi ngalezi zehlakalo wathi abafundi bazobhala izifundo ezimbalwa njengokwes­ivumelano.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbhele, uthe abafundi bantshonts­he imali, amalaptop base becekela phansi isikole kodwa imali iphinde yatholakal­a ngemuva kophenyo.

“Amaphoyisa asiqaphile isimo endaweni.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa