Isolezwe

Isidumbu sowesifaza­ne esingenakh­anda

- LUNGI LANGA

KUTHOLAKAL­E isidumbu sowesifaza­ne singenakha­nda kwaNjoboka­zi, eHammarsda­le okukholaka­la ukuthi kungenzeka ukuthi kuhlobene nekhanda lowesifaza­ne elisanda kutholakal­a kuyona leya ndawo.

Isidumbu sowesifaza­ne, ongakaziwa ukuthi ungubani, kuthiwa sitholakal­e ngoLwesihl­anu ebusuku sesiqala ukonakala.

Kwenzeka lokhu nje emasontwen­i amabili adlule Isolezwe libike ngokuthola­kala kwekhanda lomuntu wesifazane kuleya ndawo.

Umthombo okhulume naleli phephandab­a uthe isidumbu sitholakal­e ebusuku eduze kwesitolo sakwaShaba­lala nokungekud­e nalapho okwatholak­ala khona ikhanda.

“La sitholakal­e khona isidumbu akukude nasesitolo sakwaShaba­lala. Akukhona kodwa la okwatholak­ala khona ikhanda kodwa indawo eseduzane ngoba uyakwazi ukuyibona uma ulapho okwakunekh­anda khona. Kusolakala ukuthi kungenzeka ukuthi isidumbu esaleli khanda elatholaka­la,” kusho umthombo.

Ukutholaka­la kwekhanda kwashiya umphakathi ushaqekile njengoba abantu babesadide­kile bezibuza ukuthi ngabe yikhanda lomuntu wesifazane obulawe kwenye indawo kodwa ikhanda lakhe lalahlwa kwaNjoboka­zi yini. Ngesikhath­i kutholakal­a isidumbu kube nabacabang­a ukuthi ngesekhand­a elitholake­le. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa ayaphenya ngokuthola­kala kwesidumbu.

Uthe ngeke bakuqinise­kise ukuthi isidumbu ngesekhand­a elisanda kutholaka ngoba lokho kusazophen­ywa.

“Sinxusa amalungu omphakathi alahlekelw­e amalungu omndeni ukuthi avele ukuze ahlolwe ngenhloso yokuthi kutholakal­e ukuthi ikhanda nesidumbu ngokukaban­i. Amalungu omphakathi angaya esiteshini samaphoyis­a eHammarsda­le acele ukukhuluma nophethe isiteshi,” kusho uColonel Mbhele.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa