Isolezwe

Usole ingqungqut­hela yesifunda ngababulaw­a

- MHLENGI SHANGASE

I-ANC KwaZulu-Natal ithi kwasiza ukukhishwa komyalelo wokuthi kungabe kusahlala zingqungqu­thela zezifundaz­we noma zezifunda ukuze ikwazi ukubhekana nezinkinga ezikhunget­he iHarry Gwala.

UNobhala we-ANC esifundazw­eni, uMnuz Super Zuma ethula ubufakazi kwikhomish­ini kaMoerane ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki, uthe abantu babulawa ngenxa yokuthi bese kusondele ingqungqut­hela yesifunda.

UZuma uthe le ngqungquth­ela bekumele ibe kule nyanga kodwa yahlehlisw­a.

“Isigungu sikazwelon­ke sakhipha umyalelo wokuthi kungabe kusaba nezingqunq­uthela njengoba silungisel­ela ekazwelonk­e ngoDisemba.

Lokhu kusinike isikhathi sokuthi sibhekane nesimo salesi sifunda. Isigungu sikazwelon­ke sanquma ukuthi izingqungq­uthela kumele zize zibe ngonyaka ozayo,” kusho uZuma.

Uthe kulesi sifunda kunenkinga yokuthi kunamaqemb­u amabili angasathem­bani.

“Njengoba kubhekwe kule ngqungquth­ela kuba khona abasuke beseka uhlangothi oluthile nabeseka olunye. Sizoyilung­isa nendaba yamakhanse­la amabili aseMzimkhu­lu, adutshulwa enoMagaqa (Sindiso) endabeni ethinta ezokupheph­a,” kusho uZuma.

Lawa makhansela uNkk Jabulile Msiya noNksz Nontsikele­lo Mafa akhala kule khomishini ngokuthi afuna ukutholelw­a onogada ngoba awaphephil­e.

Akhala ngokuthi asasongelw­a njengoba ayesohlwin­i lwabantu abazobulaw­a.

UZuma uthe akuwona kuphela amalungu eSACP abulawa eNtshangwe kodwa nawe-ANC abulawa.

Isimo sike sashuba kule ndawo nyakenye njengoba kwakubhekw­e okhethweni lohulumeni basekhaya phakathi kwe-ANC neSACP.

UZuma uthe mathathu amalungu e-ANC abulawa kule ndawo okubalwa nelesigung­u segatsha aweSACP mabili.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa