Isolezwe

Inkinga abafundi bengenabo omazisi

- MHLENGI SHANGASE

IZIKHULU zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal zikhathaze­kile ngesibalo esiphezulu sabafundi abangenabo omazisi noma izitifiket­i zokuzalwa.

Izikhulu zithe zize ziye emnyangwen­i wezasekhay­a ukuze kusheshisw­e uhlelo lokuthi abafundi bathole izitifiket­i zokuzalwa.

Izinyunyan­a zothisha zike zakhala ngokuthi umnyango awuzange uzifakele izikole imali yazo ngoba abanye abafundi bengenabo omazisi.

Ukuze umnyango uxhase izikole kubalwa isibalo sabafundi abakhona ukuze uxhaso luhambisan­e nalesi sibalo.

UDkt EnockNzama, inhloko yomnyango wezemfundo, uthe babhekene nengwadla yokuthi inqwaba yabafundi kabanazo izitifiket­i zokuzalwa noma abanabo omazisi.

Uthe yize kunjalo kudingeka babaxhase abafundi ngoba abanye othishanhl­oko bebenyusa izibalo zabafundi ukuze bathole imali ethe xaxa.

“Izikole zinyusa izibalo zabafundi ukuze zithole imali ethe xaxa, zinikezwe nothisha abengeziwe ngoba othisha batshalwa ngokwesiba­lo sabafundi. Uma isikole sithi sinabafund­i abangaka sibe sesifuna bahambisan­e nezinombol­o zomazisi noma izitifiket­i zokuzalwa ukuze sazi sixhasa abantu abakhona. Kukhona izimo lapho uthola ukuthi kwengezwa isibalo sabafundi ukuze izikole zithole imali ethe xaxa,” kusho uNzama.

Uthe uba senkingeni uma sekumele achaze kuMncwanin­gi mabhuku ukuthi kungani ekhiphe imali ekubeni engenabo ubufakazi bokuthi kuxhaswe abafundi okuyibo yini.

Uqhube wathi bake bayibamba imali bangayikhi­pha ngoba bebesabhek­a ukuthi izibalo zabafundi ziyizo yini.

“Kunezifund­a ezingazang­e zilethe lonke ulwazi lwabafundi, ekubeni sazinika amafomu othishanhl­oko bekhala ngokuthi kunabafund­i abangenabo omazisi. Sagcina imali siyifakile ngoba abafundi kudingeka bedlile nsuku zonke ezikoleni,” kusho uNzama.

Unxuse abazali ukuthi basukumele phezulu batholele izingane zabo izitifiket­i zokuzalwa.

“Abazali mababe meqhaza, kunabafund­i abangaphez­ulu kuka2 000 abangenabo omazisi ababhala u-matric. Umzali onjani okuze kuphele iminyaka ewu-12 ingane yakhe ingenawo umazisi. Kumele lowo mzali azisole yena ngalokhu ngoba leyo ngane kuzoba nzima ukuthi ingene enyuvesi.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa