Inkinga abafundi bengenabo omazisi
IZIKHULU zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal zikhathazekile ngesibalo esiphezulu sabafundi abangenabo omazisi noma izitifiketi zokuzalwa.
Izikhulu zithe zize ziye emnyangweni wezasekhaya ukuze kusheshiswe uhlelo lokuthi abafundi bathole izitifiketi zokuzalwa.
Izinyunyana zothisha zike zakhala ngokuthi umnyango awuzange uzifakele izikole imali yazo ngoba abanye abafundi bengenabo omazisi.
Ukuze umnyango uxhase izikole kubalwa isibalo sabafundi abakhona ukuze uxhaso luhambisane nalesi sibalo.
UDkt EnockNzama, inhloko yomnyango wezemfundo, uthe babhekene nengwadla yokuthi inqwaba yabafundi kabanazo izitifiketi zokuzalwa noma abanabo omazisi.
Uthe yize kunjalo kudingeka babaxhase abafundi ngoba abanye othishanhloko bebenyusa izibalo zabafundi ukuze bathole imali ethe xaxa.
“Izikole zinyusa izibalo zabafundi ukuze zithole imali ethe xaxa, zinikezwe nothisha abengeziwe ngoba othisha batshalwa ngokwesibalo sabafundi. Uma isikole sithi sinabafundi abangaka sibe sesifuna bahambisane nezinombolo zomazisi noma izitifiketi zokuzalwa ukuze sazi sixhasa abantu abakhona. Kukhona izimo lapho uthola ukuthi kwengezwa isibalo sabafundi ukuze izikole zithole imali ethe xaxa,” kusho uNzama.
Uthe uba senkingeni uma sekumele achaze kuMncwaningi mabhuku ukuthi kungani ekhiphe imali ekubeni engenabo ubufakazi bokuthi kuxhaswe abafundi okuyibo yini.
Uqhube wathi bake bayibamba imali bangayikhipha ngoba bebesabheka ukuthi izibalo zabafundi ziyizo yini.
“Kunezifunda ezingazange zilethe lonke ulwazi lwabafundi, ekubeni sazinika amafomu othishanhloko bekhala ngokuthi kunabafundi abangenabo omazisi. Sagcina imali siyifakile ngoba abafundi kudingeka bedlile nsuku zonke ezikoleni,” kusho uNzama.
Unxuse abazali ukuthi basukumele phezulu batholele izingane zabo izitifiketi zokuzalwa.
“Abazali mababe meqhaza, kunabafundi abangaphezulu kuka2 000 abangenabo omazisi ababhala u-matric. Umzali onjani okuze kuphele iminyaka ewu-12 ingane yakhe ingenawo umazisi. Kumele lowo mzali azisole yena ngalokhu ngoba leyo ngane kuzoba nzima ukuthi ingene enyuvesi.”