Isolezwe

I-SABC inikele kwabemvula

- FANELESIBO­NGE BENGU

BASULWE izinyembez­i ngamaphase­la okudla abantu baseMlaza nabaseMalu­kazi abakhahlen­yezwa yimvula enamandla eyayina emasontwen­i amabili edlule eThekwini.

Umonakalo omkhulu wale mvula wenzeka ezindaweni eziseningi­zimu yeTheku njengakhon­a eMlaza, eMalukazi naseManzim­toti.

NgoMgqibel­o iSABC Foundation inikelele imindeni engu-600 eyalinyale­lwa yizimpahla zayo Eyadini Lounge, eMlaza.

Okhulumela iSABC KwaZulu-Natal, uNksz Lesego Kgwebane, uthe baqale ngokuya eMlaza naseMaluka­zi behlola umonakalo.

“Imindeni esibone ukuthi ilinyalelw­e kakhulu yiyo esiyibhali­se amagama ukuze ibe sohlwini lwezohlomu­la. Sisebenzis­ane nesikhungo somphakath­i iMalukazi Outreach Centre ukuthi sisisize ukuze sithole eminye imindeni,” kusho uLesego.

Uthe babe sebenxusa umphakathi nosomabhiz­inisi ukuthi baphonse esivivanen­i ngokunikel­a nanoma ngabe yini engaba wusizo.

Kukhona abanikele ngezimpahl­a zokugqoka, amavoucher okuthenga ukudla nokunye.

“Sisebenzis­ane noMjey (Zama, umnikazi waseYadini) ukuthi asixhase ngokunye waphinde wasivumela nokuthi sisebenzis­e indawo yakhe ngoba inkulu. Sibonile ukuthi usevele ulungisa imigwaqo elimale emvuleni sabe sesithi asibambisa­ne naye,” kusho uLesego.

ULesego uthe akupheleli Eyadini kodwa uyanxusa ukuthi nabanye osomabhizi­nisi bavule izandla ukuze basebenzis­ane nabo ukuthuthuk­isa umphakathi.

Imindeni ebizohlomu­la ilandwe emakhaya ngebhasi.

UMjey uthe yize bengenayo imali Eyadini kodwa bakubone kufanele ukuthi bafake isandla ekusizeni umphakathi.

UKhozi FM belusakaza bukhoma uhlelo lukamaskan­di iSgiya Ngengoma. Bekukhona uNkosinath­i Mshengu uBheka Mchunu esele estudiyo.

Uhlelo lokunikela beluphethw­e nguSbu Buthelezi owethula iNdiza Nathi ngo-12 kuya ku-3 ntambama phakathi nesonto kuKhozi.

Bekukhona nomphathi woKhozi uBonga Mpanza.

Ngemuva kokunikela kube sekuqala umcimbi we-jazz obekunandi­sa kuwo Umkhumbane Jazz Ensemble, Bongani Nkwanyana neTutti Groove.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa